KUSALE kunje lapho bekuhlasele khona izimvula ezinamandla esiFundeni Umzinyathi
ZIGADLE kwezwela izimvula ezinamandla ezihambisana nesiphepho kuMasipala wesiFunda uMzinyathi.Endaweni yaseZakheni, eNquthu ,kudlule emhlabeni owesilisa oneminyaka ewu-65 ecindezelwe udonga lwendlu owesifazane ongumkakhe wathola ukulimala. ENquthu endaweni yaseZakheni , eJabavu, naseHlathi Dam, imizi eminingi icekeleke phansi. imigwaqo yavaleka kwahamba nogesi njengoba ezindaweni eziningi bekuwa izihlahla zigqashule izintambo zikagesi.Endaweni yaseMsinga KwaNzimane,Ntuli, Esihlabeni, Othame naseZingulubeni imizi ebalelwa ku-30 icekeleke phansi . “ Othame , eShiyane kucekeleke phansi ngisho isikole i-Oscasberg School i-ihhovisi likathishomkhulu, igumbi lothisha kanye namagumbi okufundela awu-7 acekeleke phansi,kusho okhulumela lomkhandlu wesiFunda Umzinyathi uThandeka Ngobese . “Kwalimala ne-Art Centre. “Ithimba lezinhlekelele lisebenze laze lashona elayizolo nanamhlanje behlonze imindeni ekhahlamezekile lilekelela ngezinsiza ezidingekayo okubalwa izingubo zokulala, umpheme, nezipontshi zokulala nokuya ngasethunjini,” esho. Bonke abantu abakhahlamezekile bayacela ukuba babike emahhovisi akwaDisaster koMasipala abaseduzane nabo.UMhlonishwa Meya wesiFunda uMzinyathi u-Petros Ngubane udlulise amanzi enduduzo emndenini olahlekelwe ilunga lawo wabe esenxusa imiphakathi ukuba iqaphele njengoba isimo sezulu sesishintshe kakhulu sekuba neziphepho, nezimvula ezinamandla ngisho ebusika into eyayingenzeki.