UGWETSHWE iminyaka engu-5 olahlwe icala lenkohlakalo kanye nelokukhwabanisela umqashi, iNkantolo ethinta amacala emali (Durban Specialised Commercial Crime Court. Kuvelile ukuthi uRamonia Naidu (46), ugwetshwe ilenkantolo esibalulwe ngenhla iminyaka engu-8 kwelokukhwabanisa kwalengiswa engu-3, waphinde walahlwa icala lenkohlakalo wagwetshwa iminyaka engu-4, kanti lesigwebo senkohlakalo sizohambisana nelaleli elokukhwabanisa okwenza ukuthi uNaidu adonse iminyaka emihlanu. Kuphinde kwavela ukuthi kusukela ngo May , 2017 kuya kuNovember 2018 , uNaidu wabe eqashwe inkampani i-Anchor Yeast ese-Amanzimtoti, okuyilapho ayegila khona lemikhuba. Ngokusho kokhulumela oKlebe uLt-Col Simphiwe Mhlongo , uthe lona kaNaidu wahlangana nawayelethela lenkampani amakhemikhali khona kulenkampani, wabe eseqola lenkampani imali engu-R2million. “UNaidu ubefaka ama oda kulenkampani eletha amakhemicali bese bese eletha iziliphu ezingombombayi ezikhomba ukuthi adiliviwe amakhemikhali enkampanini,” kusho yena. Uqhube wathi emva kwalokho uzobe esethola inkokhelo ebhekene naye. Uthe inkampani yabe isilunywa indlebe kalomkhonyovu nokukhwabanisa kwabe sekuncwaningwa amabhuku, kwabe sekubonakala ukuthi inkampani yabe ikhwabaniselwa. Uthe emva kwalokho kwabe sekuvulwa icala lokukhwabanisa nenkohlakalo A case of fraud and corruption was reported at Amanzimtoti police station and the ca e-Amanzimtoti, kwathi icala labe selindluliselwa kumaHawks aphenya ngamacala athinta imali (Durban Serious Corruption Investigation). “ uNaidi wabe esekhalelwa namasongo kaS’Gonyela ngo-April 2023 , wabe esevela enkantolo izikhawu eziningi, kwathi ngonyaka ophelile ngoDecember amlahle lamacala abethweswe wona, wabe esegwetshwa leminyaka esibalulwe ngenhla,” kuphetha Lt-Col Mhlongo.