INKANTOLO yesiFunda yaseGreytown imgaxe udilikajele ngoLwesihlanu olwedlule umlisa oneminyaka engu-28 emthole enecala lokudlwengula udadewabo angazalwa naye oneminyaka engu-10 endaweni yaseSolomon, eGreytown, ngo-2022.
Kubikwa ukuthi le ntombazane eneminyaka yadlwengulwa iphindelelwa izikhawu ezine yilo mlisa esigodini saseSolomon, eGreytown, ngo-Okthoba 2022.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esifunda saseMzinyathi, uConstable Siyabonga Nkwanyana, lo mlisa wayeyidlwengula le ntombazane uma ibuya esikoleni, kwaze kwaba yizikhawu ezine.
“Le ngane yabe isibikela umama wayo ngokudlwengulwa kwayo yilo msolwa, ngoNovemba ka-2022, wabe eseyaboshwa umsolwa, wanqatshelwa ibheyili, wagqunywa ejele kwaze kuba uyagwetshwa, egwetshwa udilikajele waphinde watshelwa ukuthi akasenalo ilungelo lokuphatha isibhamu.
Icala lalo mlisa beliphenywa ngumphenyi wamacala, uSergeant Richard Gamede, osebenzela i-Greytown Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit,” kusho uConstable Nkwanyana.
Kwesinye isigameko esingahlobene nalesi, iNkantolo yesiFunda yaseGreytown iphinde yagweba udilikajele omunye umlisa oneminyaka engu-28, onguSiphesihle Sibiza, ngemva kokulahlwa yicala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-18, ngo 2023.
Ngokusho kukaConstable Nkwanyana, uSibiza ugwetshwe udilikajele yile nkantolo ngecala lokudlwengula, neminyaka emihlanu ngelokuthumba.
“USibiza wathumba le ntombazane wabe eseyidlwengula ephindelela ekhaya kubo, ubusuku bonke. Kubikwa ukuthi le ntombazane yabe ihamba nodadewabo omdala emgwaqeni uBell Street, eGreytown, edololobheni, ngenkathi uSibiza eyidonsa ehamba nayo eya kubo lapho afika wayidlwengulela khona ephindelela.”
Leli cala beliphenywa nguye futhi uSergeant Gamede, owaqinisekisa ukuthi wenza uphenyo olunzulu olwaholela ekutheni atholakale enecala uSibiza wabe esegwetshwa udilikajele. Naye uSibiza ulahlwe yicala wagwetshwa ngawo uLwesihlanu olwedlule.
UKhomishana wamaphoyisa esifundeni uMzinyathi, uMaj-Gen Francis Slambert, uzishayele ihlombe zombili lezi zigwebo wathi angeke bakuvumele ukuthi kubekhona abantu abahambe bedlwengula abantu kuthuleke. Wathi ngeke bakubekezelele ukuthi kuqhubeke kube nodlame olubhekiswe kubantu besizane kanye nezingane. Ube esencoma uSergeant Gamede ngomsebenzi wakhe.