SESIZOBUKEKA ngenye indlela lesikole i-Mcushwa High
BATHI nci nci kamjoli abafundi nothisha besikole samabanga aphakeme esisendaweni yasemakhaya eMargate, i-Mcushwa High, njengoba isikole sabo sizohlomula ngamanye amakilasi akhiwe kabusha ahambisana namathoyilethi ashaywayo.
Abe-Hollywood Foundation bebambisene nabeGagasi FM, bazibophezela ngoba sebakwakhile kabusha amanye amakilasi akulesi sikole namathoyilethi, okulindeleke bawavule ngokusemthethweni ngo-Okthoba 24 kulesi sikole ebesinamathoyilethi omgodi.
Ngokusho kukaMnuz Khulekani Shandu, osemnyangweni weBusiness Development kwiGagasi FM, uthe ngokubambisana neHollywood Foundation sebekwazile ukulungisa lesi sikole saseMcushwa, abathatha isinqumo sokusifaka ngaphansi kwephiko labo.
“Njengamanje lesi sikole sesinezakhiwo ezintsha, okubalwa kuzo nezindlu zangasese ezisebenzisa amanzi ahlanzekile uma uqeda ukuzikhulula. Lesi sikole sasifaka naphansi kophiko lwethu, ngaphansi kwesiqubulo esithi “Geleza Ne Gagasi 2024 Adopt A School Corporate Social Investment Campaign”, sibambisene neHollywood Foundation,” kusho uShandu.
“Ngokulekelelwa i-Hollywood Foundation sikwazile ukuthuthukisa iMcushwa ngokwakha kabusha izindlu zangasese, safaka nompompi abadonsa amanzi phansi (borehole), ngenholoso yokuqinisekisa ukuthi abafundi nothisha bathola amanzi ahlanzekile.
Lesi sikole yize sisendaweni yasemakhaya, futhi singenawo amanzi ahlanzekile njengasezindaweni zasemadolobheni, kodwa phezu kwalokho sikwazile ukukhiqiza imiphumela emihle ebangeni leshumi ngokuthola u-93% ngonyaka odlule u-2023.”
Uthe lo mpompi ofakiwe awuzukusiza kuphela abafundi nothisha bakulesi sikole, kodwa uzophinde usize nezakhamizi zakule ndawo.
Lezi zindlu zangasese zizobe zixhunyelwe amathangi oJojo, abazoba wusizo futhi uma kuhambe amanzi.
Empeleni akukhona okokuqala iGagasi FM ngokubambisana neHollywood Foundation benza lokhu abakwenze esikoleni saseMargate, nangonyaka odlule benza okufanayo esikoleni samabanga aphansi i-Nhlanhleni Primary, eHowick, lapho isimo sakhona besifana nalesi esase Mcushwa.
Oyimenenja yeHollywood Foundation, uMnuz Mpho Dintwa, uthe: “Ukubambisana neGagasi FM sikuqale ngonyaka ophelile ngokuyokwakhela isikole iNhlanhleni amakilasi. Kulo nyaka sibone kufanele ukuthi sithathe ezenhlanzeko sizise kulesi sikole saseMcushwa ngaphansi kohlelo olwaziwa ngeWater Sanitation and Hygiene (WASH),” kushaya ngamafuphi uMnuz Dintwa.