YEHLUKILE imibona ngamalunga eKhabhinethi lohulumeni wobumbano, aqokiwe nguMengameli Cyril Ramaphosa! Abanye bathi abanye bonGqongqoshe bekungafanele baqokwe , kanti abanye bayisincoma isinqumo sikaMengameli Cyril Ramaphosa bathi uqoke kahle futhu kuzosetshenzwa. Abanye bathi lomshado abangene kuwo uzogqekeka. UMnu Ramaphosa uqoke amalunga eKhabhinethi emva kwenyanga bekunokhetho lwezifundazwe kanye nolukazwelonke lapho khona lingekho khona iqembu elathola amavoti amabili , kwamathathu noma eliwine ngamavoti andlulile kwawu-51, okwazolugunyaza ukuthi libise lodwana. Lokhu kuholele ukuba kube nezinxoxo zokubusa ngokubambisana kwamaqembu (Government of National Unity) phecelezi GNU. Lokhu kuchaza ukuthi ngaphambi kokuba uMengameli athathe izinqumo kumele kube nezivumelwane nalamaqembu ache umbimbi nawo ukuze kwakheke uhulumeni wobumbano. Lohulumeni wobumbano uhlanganisa amaqembu awu-11, okuyi African National Congress, Democratic Alliance, Patriotic Alliance, Inkatha Freedom Party, Good Party, Pan Africanist Congress of Azania, Freedom Front Plus, United Democratic Movement, Al Jama-ah, Rise Mzansi kanye ne-United Africans Transformation. Lamaqembu azobuswa yimigomo ethize kanye nezivumelwano abazenzile ngenkathi bengena kulomshado. Kuvelile ukuthi wonke lamaqembu enza izibopho zokuthi bazowuhlonipha uMthethosisekelo wezwe, ukulandela amapholisi abekiwe kanye nokungafihli lutho ngokumele kwenzeke kanye nasekuzibophezeleleni ekusebenzeni ngobuqotho. Kuphinde kwavela enkulumeni kaMengameli uMnu Ramaphosa ukuthi kuhloswe ngakho ukuphuthunyiswa izidingo kubantu,ukukhuliswa komnotho nokulwisana nobhubha kanye nokungalingani ngoba wonke umuntu uyalingana ngaphansi komthetho sisekelo. Uqhube wathi kumele sibheke izidingo zezwe futhi ziziphuthumise, ngoba kuyaqala emlandweni wezwe ukuthi lingabibikho iqembu elithola amavoti amaningi futhi liphathe izwe lodwa. Uthe njengezwe kumele sizibongele ngokuthi sikwazi ukwakha uhulumeni wobumbano onamaqembu awu-11, lana asebalulwe ngenhla.
Kanti bonke labaNgqongqoshe abalandelayo kulindeleke ukuba bayofungiswa kusasa mhlaka 3 July 2024, ePhalamende laseKapa.
USekela Mengameli nguMnu Paul Mashatile.
UNgqongqoshe weZolimo NguMnu John Steenhuisen.
ISekela NguRosemary Nokuzola Capa.
UNgqongqoshe wezoMhlaba kanye nezokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya Ngu-Mzwanele Nyhontso.
ISekela Chupu Stanley Mathabatha.
UNgqongqoshe weZemfundo eyisiSekelo Ngu-Siviwe Gwarube.
ISekela ngu-Reginah Mhaule.
UNgqongqoshe wezokuXhumana kanye nezobuchwepheshe ngu-Solly Malatsi.
ISekela ngu-Mondli Gungubele.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu ngu-Velinkosi Hlabisa.
AmaSekela ngu-Dickson Masemola kanye no-Zolile Burns‐Ncamashe.
OweZokuvikela kanye nasebekhulule kweZempi Ngu-Angie Motshekga.
AmaSekela ngu-Bantu Holomisa kanye no-Richard Mkhungo.
Okagesi kanye nezaManndla ngu-Kgosientsho Ramokgopa.
ISekela ngu-Samantha Graham.
Owesayensi, ubuChwepheshe kanye nezokushintshashintsha ngu-Blade Nzimande.
ISekela ngu-Nomalungelo Gina.
Owezokuqshwa nabaSebenzi ngu-Nomakhosazana Meth.
ISekela ngu-Jomo Sibiya kanye noi-Phumzile Mgcina.
WeZimali ngu-Enoch Godongwana.
AmaSekela ngu-David Masondo kanye no-Ashor Sarupen.
OwezamaHlathi, zokuD0ba kanye nezeMvelo ngu-Dion George.
AmaSekela ngu-Narend Singh kanye no-Bernice Swarts.
WeZempilo ngu-Aaron Motsoaledi.
ISekela ngu-Joe Phaahla.
OweZemfundo ePhakeme ngu-Nobuhle Nkabane.
AmaSekela ngu-Buti Manamela kanye no-Mimmy Gondwe.
WezaseKhaya ngu-Leon Schreiber.
ISekela ngu-Njabulo Nzuza.
WezokuHlaliswa kwaBantu ngu-Mmamoloko Kubayi.
ISekela ngu-Tandi Mahambehlala.
OwezokuXhumana namazwe oMhlaba ngu-Ronald Lamola.
AmaSekela ngu-Alvin Botes and Tandi Moraka.
WezoMthetho nokuThuthukiswa koMthetho ngu-Thembi Nkadimeng.
ISekela ngu-Andries Nel.
WeZimbiwa kanye noPhethiloli ngu-Gwede Mantashe.
ISekela ngu-Judith Nemadzinga‐Tshabalala.
OwezokuHlela, ukubhekelela nokubuyekezwa ngu-Maropene Ramokgopa.
ISekela ngu-Seiso Mohai.
OwezaMaphoyisa ngu-Senzo Mchunu.
Amasekela ngu-Polly Boshielo kanye no-Cassel Mathale.
UNgqongqoshe ehhovisi likaMengameli ngu-Khumbudzo Ntshavheni.
Amasekela ngu-Nonceba Mhlauli kanye no-Kenneth Morolong.
Wezophatha kanye nemisebenzi kaHulumene ngu-Mzamo Buthelezi.
ISekela ngu-Pinky Kekana.
WezoMsebenzi woMphakathi neNqalasizinda ngu-Dean Macpherson.
ISekela ngu-Sihle Zikalala.
WokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amancane ngu-Stella Ndabeni-Abrahams.
ISekela ngu-Jane Sithole.
WezokuThtuthukiswa koMphakathi ngu-Sisisi Tolashe.
ISekela ngu-Ganief Hendricks.
WeZemidlalo, uBuciko kanye namaSiko ngu-Gayton McKenzie.
ISekela ngu-Peace Mabe.
WezokuVakasha ngu-Patricia De Lille.
ISekela ngu-Maggie Sotyu.
WzokuHweba, iziMboni kanye nokuNcintisana ngu-Parks Tau.
Amasekela ngu-Zuko Godlimpi kanye no-Andrew Whitfield.
WezokuThutha ngu-Barbara Creecy.
ISekela ngu-Mkhuleko Hlengwa.
Wezamanzi kanye nokuThuthwa kwendle ngu-Pemmy Majodina.
AmaSekela ngu-David Mahlobo kanye no-Isaac Seitlholo.
Wezabesifazane, iNtsha, kanye nabaPhila ngokuKhubazeka ngu-Sindisiwe Chikunga.
ISekela ngu-Mmapaseka Steve Letsike.
WezamaJele ngu-Pieter Groenewald.
ISekela ngu-Lindiwe Ntshalintshali.
Okuvelile kuleliKhabhinethi baningi abesifazane nabesilisa abaqokiwe abaqhamuka kuwo wonke amagumbi ezwe, lokho okukhomba ubumbano ngoba zonke izinhlaka zimelelekile, kanti okubhekeleleke kubo ukuthi basize umphakathi. Uqhube wathi akekho oqokiwe obhekeleke ukuba afeze izinhloso zakhe kodwa kumele afeze ezomphakathi. Uphethe ngokuthi kumele izinhlaka zomphakathi, abasebenzi, abamabhizinisi kanye nezinye izinhlaka ukuba kusetshenziswane ukuze kulwisanwe neinselelo ezibhekene nesizwe.