Saturday, June 7, 2025
DONATE
PROFILE
  • Login
  • Register
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
ADVERTISEMENT
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
Subscribe
  • Home
    • Advertise
    • Rate Card
  • Community
  • Crime
  • News
    • Provincial
    • National
    • Politics
  • Entertainment
    • Events
  • Sports
    • Schools Sports
    • Club Sports
  • About Us
    • Terms & Conditions
    • Privacy Policy
No Result
View All Result
Izwi Lomphakathi Newspaper
No Result
View All Result
Home Letter Community

Igama ukuthi kukhona umbuso wentando yeningi

by Langelihle Chagwe
March 1, 2024
in Community
Reading Time: 3 mins read
A A
0
Bekubizwe Imbizo yezakhamuzi namaphoyisa eNquthu
Share on FacebookShare on Twitter
ADVERTISEMENT

IGAMA  nje elithi kukhona umbuso wentando yeningi kodwa kukhona umbuso wedlanzana!  Lokhu kuvele ngenkathi Izinduna zeziFunda okuyi-Amajuba, Uthukela kanye nezaseKing Cetshwayo, zigasele emzini walona owabe engumengameli wezwe uMnu Jacob Zuna , ngenhloso yokuyofuna usizo kuye ngoba uyena owasayina ukuthi Izinduna kumele zithole umhlomulo wemali esukela kuR6500, ngonyaka u-2013. “Ziphinde zakuveza izinduna ezikhathazekile ukuthi leyomali aziyitholanga kulowo nyaka eyasayinelwe ngayo kodwa baze bayithola emva kweninyaka emithathu (2016), sekumele ihambisane namaback pay, ngoba kwezinye izifundazwe babevele beyithola. Kuphinde kwavela ukuthi mhla lezinduna seziyithola le mali aziwatholanga amaback pay aphelele, kanti ezinye azikaze ziyithole kwanhlobo. “ Thina esayithola , sathola imali engafani kodwa saqala ukuba zinduna ngonyaka u-2003,” zisho izinduna ngenkathi ziyifuna ukulekelelwa. Ziqhube zathi kukhona abathola imali engu-R97  000, abanye bathola R50 000, okuyinto abathi uma bebuza uMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, bathola incazelo yokuthi imali yabo idonse umnyango wezezintela u-SARS. “ Sanikela kwaSARS lapho safika sathola khona ukushaqeka lapho uSARS asitshela khona ukuthi akasikweleti yena kodwa asibuyele emnyangweni osubalulwe ngenhla.  Mina ngathola ipayslip eyayibhalwe ukuthi igross ibingu-R250 000 kodwa ngadonselwa imali engu-R97 000, ngagcina sengithole imali engu-R150 000 okwangixaka kakhulu, ngoba angikaze ngiyibone intela engaka okuyizinkomba zokuthi ngadonsela imali engamaphesentio angu-R45 000.  Kumanje asazi ukuthi kwakumele sithole malini ngoba sithola izimali ezahlukene kodwa sabuqala kanye kanye ubuduna sisathola istidend sika R1300 , njalo ngenyanga. Abofowethi nodadewethu abandlula emhlabeni abakaze nabo bathole ngisho indibilishi ngenxa yawo umnyango, uma siya kuMaster of High Court, uvele ubuze ukuthi kumele sithole malini ukuze usenzele incwadi ebizwa ngeLetter of Authority. Manje kunzima ukuthi abafowethu abahanjelwa amadoda kanye namakhosikazi bayithole lemali ngoba umnyango awuphumi neqiniso lokuthi kumele bathole malini. “ Kumanje abanye bethu bavalelwe isibonelelo sobudala phecelezi impesheni ngoba kuthiwa bayasebenza kwahulumeni ekubeni bengatholi ngisho isenti leli. Imali yobudala asazi ukuthi ihlanganaphi nemali yobuduna? Amakhosi asibukela phansi thina njengeZinduna kodwa kube kuyithi esisebenza nomphakathi futhi esaziyo ukuthi kuloyamuzi kuhlala bani wona awazi lutho. Abanye bethu Izinduna zivalelwe imihlomulo yazo ngo-2017, ngoba kuthiwa zikoSgodi sharing okuchaza ukuthi Amakhosi amabili ahlukaniselana ngesigodi bese Inkosi neNkosi iba neNduna yayo, bese umnyango uthi awukwazi ukukhokhela Izinduna ezimbili isigodi ngasinye, akuvalwe imihlomulo yaMakhosi ngoba yiwo abanga izigodi , thina sizinduna sebekwe Amakhosi asingathwali amacala awo sijeziselwe wona. “ Kumanje silambile sivalelwe imali yethu yempesheni sibe singayiholi futhi neyobuduna, imindeni yethu ikhathazekile nathi sikhathazekile ngoba asisakwazi. ukuhlonishwa njengabamnumzane ngoba asikwazi ukondla imindeni yethu. “ Sifuna udaba lwethu lusukunyelwe , ngoba amakhansela wona akukaze ahlale engaholi kodwa siphethwe umnyango owodwa. “ Amakhosi anikelzwa ogandaganda ukuthi alimele umphakathi kwanele kwagxambukela ipolitiki azange isalinyelwa imiphakathi, kanti kwakukuhle Amakhosi elimela abantu noohlelo lwaluluhle , bathwathwa ogandaganda kwalamba isizwe. Idemokrasi noma lokhu okubizwa ngohulumeni wentando yeningi kubukela phansi amalungelo ethu, kanti futhi akukho okwethu komdabu okugqakambiswayo , kubulewe ngisho isikompilo lethu esakhula siligqakambisa. “ Sifisa ukuthi lamaphesenti angu-40, wamakhansela asemikhandlwini yamakhosi avotelwe abe ngamakhansela azosebenza komasipala futhi uthunywe ngamakhosi akudingayo nokulethweni kwentuthuko ezindaweni zamakhosi ngoba amakhansela nomasipala abanazo izindawo izindawo zingaphansi kwamakhosi. “ Amakahnsela amakhosi kumele akhethwe angafaki isgqoko sepoliti kodwa amele ubuholi bendabuko. “ Savalelwe imiholo 2017, ngoba izinduna zimbili isgodi ngasinye. Ukuqalwa kokuhola kwezinduna zabe seziba ngambili kanti kungakaholwa akekho owayefuna ukuba induna , kanti okunye okwenziwa ngamakhosi aseMajuba ukuthi amanye anezinduna ezingahlali ngisho ezindaweni abekwe kuzo , ezinye zazo zihlala koGoli kodwa ziyahola. “ Izinduna azikhuphuki , Amakhosi ayazicindelela Izinduna ngoba kumanje iwona afaka Izinduna ezigodini , Izinduna azizibeki zibekwa amakhosi kodwa izona ezivalelwa imiholo. “Wasivulela amathuba okuthi siqale sihole siyinduna, “ kusho Induna ebeyingxenye yokugasela emzini kaMsholozi ngenhloso yokufuna usizo. Iphinde yakhala ngokuthi ubuholi bomdabu abunakiwe ngumnyango ngoba kuyagqekezwa kuthathwe impahla efana nomakhompuyutha nokunye. “ bantu baithi niyazi ukuthi ithina esigunyazwe ukukhetha uhulumeni okuthi uma sesimkhethile angakhulumi ngokuhlupheka kwethu. Uma sebekhethiwe bathi basiphethe kanti ithina esiphethe bona. “ Ikhansela umuntu ongelutho njenje. Nginemibono kodwa iphazanyiswa ipolitiki. Sinomlando omkhulu thina sizwe esinsundu futhi ithina esiphethe umhlaba kodwa abelungu basishayela umthetho. Angeke ubone izingane zamandiya nezabelungu zingayile esikoleni ezethu kuphela, ngoba wakhuluma iqiniso ufakwa ejele. Khona abantu abangasizo izinduna kodwa bakuthola konke okungatholwa zinduna. Ngagqamuka nombono ukuthi izinduna ngoba nami ngigqamuka endaweni yezinduna. Kunabantu abaholela ukul;ala ePhalamende kodwa abantu abahlezi belamula umphakathi baphinde base abantu abonile eMakhosini bona abaholelwa. Izinduna izinduna zilamula izimpi zezigodi kanti futhi kunodlame esifundazweni kwakulamula zona. Izwe liphethwe incoasana. UMnu Jacob zuma utshele izinduna ukuthi ngabe uyazisiza kodwa wanqindwa Amandla. Okhulumela umnyango uMnu Siboniso Mngadi akatphendulanga we ukuze aphawule ngalolu daba kodwa imibuzo ethunyelelwe kuze kwashaya isikhathi sokushicilela.

Langelihle Chagwe

Langelihle Chagwe

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers. It aimed in promoting reading and to disseminate informatio or to inform the community at large about the news that is happening around them. It also aimed at promoting the culture of going back to basics and promote the reading using indigenous languages which is now fading. Going online will also help to educate, inform the public about news happening around them and nationally.

Related Posts

Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli

Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli

by Langelihle Chagwe
June 6, 2025
0
3

SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho...

Kulindeleke lukhulu kowe Khaba Cup eMlazi

Kulindeleke lukhulu kowe Khaba Cup eMlazi

by Langelihle Chagwe
June 5, 2025
0
3

KUNGENKATHI kutonyulwa amaqembu azoqhudelana kwiKhaba Cup.Isithombe.SITHUNYELWE KULINDELEKE lukhulu emqhudelwaneni webhola likanobhutshuzwayo owaziwa nge Khaba Cup lapho kuzobe kuqhudelana khona amaqembu...

Ungqongqoshe kowengoma

Ungqongqoshe kowengoma

by Langelihle Chagwe
June 1, 2025
0
3

NGUNGQONGQOSHE nethimba lakhe.Isithombe.SITHUNYELWE SIHAYELWE ihlombe isenzo sikangqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natali uMfu Thulasizwe Buthelezi sokuba yingxenye yeNgoma KaZwelonke....

Kutholakale izimpahla ezingombombayi ezingabiza R400million, eThekwini

Kutholakale izimpahla ezingombombayi ezingabiza R400million, eThekwini

by Langelihle Chagwe
May 28, 2025
0
3

ZIMPAHLA ezitholakale kumakhontiyena. Izithombe.ZITHUNYELWE KUTHOLAKALE izimpahla ezingombombayi (fake) , ezingabiza imali engu-R400 million lapho kugcinwa khona impahla i-Edwin Swales, eThekwini...

Awukho umuzi ongenayo indlu yangasese

Awukho umuzi ongenayo indlu yangasese

by Langelihle Chagwe
May 20, 2025
0
3

NGUDR Vusi Shongwe. Isithombe.SITHUNYELWE KUYADINGEKA futhi kubalulekile uma omunye wethu evelele ngalokho uNkulunkulu amumbathise kona, sincome, simhalalisele. Ngihamba nobaba uDokotela...

 Kudutshulwe kwabulawa imigulukudu emithathu,e-Nanda

 Kudutshulwe kwabulawa imigulukudu emithathu,e-Nanda

by Langelihle Chagwe
May 13, 2025
0
3

SIBHAMU ezishaqwe kubulawa imigulukudu.Isithombe.SITHUNYELWE KUDUTSHULWE kwabulawa imigulukudu emithathu endaweni eyaziwa ngeZimbabwe,Amaoti, e-Nanda, ngenkathi bekudutshulwana namaphoyisa ngoMsombuluko (izolo),ntambama. Kubikwa ukuthi lesigameko...

Recommended

Kwelulekwe abafundi baka-matric ngoshintsho ezikhungweni zemfundo ephakeme

Kwelulekwe abafundi baka-matric ngoshintsho ezikhungweni zemfundo ephakeme

4 months ago
3
Ugwetshwe udilikajele owadlwengula ingane eneminyaka emihlanu  (5), wayivala ngeshumi

Iminyaka ewu-20 kwelokuzama ukubulala intombi

1 year ago
3

About Us

Izwi Lomphakathi Newspaper

Izwi Lomphakathi Newspaper is 100 percent in IsiZulu and it was established immediated when the killer dicease Covid 19 plaqued the Globe. Publisher is an experienced Journalist with more than 21 years experience in the media fraternity. Publisher had worked for various newspapers such as The New Age,Daily Sun, Sowetan, Northern Natal Courier and other community newspapers.

Associations

Category

Socials

Newsletter

  • About
  • Advertise
  • Subscribe
  • Contact
  • Terms & Conditions
  • Privacy Policy
  • Cookie Policy (ZA)

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

No Result
View All Result
  • Politics
  • Municpality
  • Local Business
  • Provincial
  • National
  • Entertainment
  • Events
  • Schools
  • Announcements
  • Sports
  • Community
  • Letter
  • Crime
  • People
  • Local Heros
  • Food

© 2023 Izwi Lomphakathi Initiative is offered by SANEF

Welcome Back!

Login to your account below

Forgotten Password? Sign Up

Create New Account!

Fill the forms below to register

All fields are required. Log In

Retrieve your password

Please enter your username or email address to reset your password.

Log In
Manage Cookie Consent
We use technologies like cookies to store and/or access device information.
Functional Always active
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
Preferences
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
Statistics
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes. The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
Marketing
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage options Manage services Manage {vendor_count} vendors Read more about these purposes
View preferences
{title} {title} {title}