UGWETSHWE iminyaka engu-15 uLucky Zwane, oneminyaka engu-46, yinNkantolo yesiFunda yaseNewcastle emva kokulahlwa icala lokudlwengula owesifazane owabe eneminyaka engu-27, ngelanga lesigameko.
Kubikwa ukuthi lesi sigameko senzeka ngo Agasti 2011, Eziqhazeni,eNquthu.
Okhulumela amaphoyisa kwisiFunda uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni , i-Nkantolo kaMansthi waseDundee yamthola enecala uZwane ngoJulayi 2012,kodwa wakhona ukubalekela ukuzogwetshwa ngoba wabe egcinwe ngaphandle, akaphindanga wabuyela enkantolo.
Uthe esitatimendeni kwabe sekukhishwa incwadi egunyaza ukuba aboshwe uZwane.
“NgoSepthemba 2024 amaphoyisa alunywa indlebe ukuthi ngabe ukuphi uZwane ngoba wabe ebonakale ezithashazela eNewcastle,”esho, eqhuba ethi amaphoyisa i-Dundee Family Violence, Child Protection, and Sexual Offences (FCS) Unit, ayeholwa ngu-Detective Sergeant Nolwandle Buthelezi, abe esmbopha.
Mhlaka 6 Mashi 2025, uZwane uvelile eNkantolo yesiFunda saseNewcastle, wabe esegwetshwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele.