NGUMBALI wencwadi i-Greathearted uNkk Thuli Mathebula.Isithombe.SITHUNYELWE
INCWADI i-Greathearted, eqhakambisa kakhulu ilungelo, isithunzi kanye nenhlonipho yomuntu , ibigubha unyaka yashicilelwa, ngosuku lwa malungelo abantu (Humans Rights), olugujwa minyaka yonke mhlaka 21 Mashi.
UNkk Thuli Mathebula umshicileli wale ncwadi ukuvezile ukuthi , washicilela le ncwadi ngenhloso yokukhuthaza abantu ukuba bakwazi ukuxolela, nokundlulisa osekwandlula njengoba naye wake waba isisulu sokuhlukumezeka esemncane kodwa usekundlulisile lokho.
UNkk Mathebula useke wazwakala emisakazweni eminingi yase Goli, neyakwaZulu Natal, ekhuluma ngenhloso yakhe yokubhala le ncwadi yakhe.
Waphinde waphuma nasemaphephandabeni amaningi ,ekhuluma ngayo le nyanga yokugubha ukuhlonishwa kwesithunzi kanye namalungelo omuntu.
UNkk Mathebula uyakugcizelela ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuphila ngokukhululeka ,ngaphandle kokusaba nokusatshiswa.
“Ngikhuluma kanje ngoba ngomhlaka 28 Febhuwari 2025, kwaduka ingane kadadewethu omncane, yatholakala isibulewe kabuhlungu, lokhu kwenza kubenzima kimi ukwamukela,” kusho yena.
“Ngiyanxusa ukuthi uhulumeni wethu ake abhukule ukuze sikwazi ukulwisana nalesihlava, sobugebengu esiphilisa abantu kabuhlungu, okubalwa kuko ukuhlukunyezwa kwezingane kanye nabesifazane , ngezindlela eziningi,” kusho uNkk Mathebula.
“Wonke umuntu ubaluleke ngokulingana,” kusho yena, eqhuba ethi futhi akekho umuntu onelungelo lokuthatha impilo yomuntu.
Uphethe ngokuthi asiphele lesi sihlava, esibi esikhona emhlabeni sokuhlukunyezwa kwabantu, kuqede kuthuleke.