NGABAFUNDI , amathishela kanye namalunga eWeseli abebezonikela ngezicathulo.Isithombe.SITHUNYELWE
IBIBHALWE ebusweni injabulo ngenkathi abafundi besikole samabanga aphansi i-Smanganyawo Primary School , behlomula ngezicathulo eHudula (Good Geluk), ngoLwesithathu (izolo).
Kubikwa ukuthi abaxhase abafundi ngezicathulo bavele ebandleni i-Methodist Church of Southern Africa elaziwa kakhulu ngokuthi i-Weseli, esekethini 830 , eNewcastle.
Obehola laba abebezonikezela ngezicathulo kubafundi uNkk Thuli Mtshali uthe esitatimendeni, siqhamuka ebandleni lamaWeseli futhi sisebenzela isonto njengosoNhlalakahle (Social Workers), futhi siqala khona ngaphakathi esontweni ukusiza abantulayo, sihambela izakhamizi kanye nezikole.
Uqhube wathi esitatimendeni, yingakho namuhla (izolo), sihambele lesi sikole samabanga aphansi i-Smanganyawo ukuze sizonikelela ngezicathulo.
“Sasicelile kumathishela ukuba asihlonzele abantwana abantulayo ukuze sizoletha ithemba ezimpilweni zabo ngokubaxhasa ngezicathulo,” esho.
Uhpethe ngokuthi sisebenza njengosonhlalakahle sihambela yonke izakhamizi, sibheka abantulayo.
UThishanhloko wakulesi sikole i-Smanganyawo, uN.J Zikhali uthe esitatimendeni, sijabula kakhulu ngomnikelo wezicathulo futhi nifike ngesikhathi sinidinga kakhulu.
Uthe esitatimendeni, abasixhase abafundi ngezicathulo babaxhase ngezicathulo ezinhle kakhulu ngoba zisamabhuzu (boots), epulasitiki njengoba zikhahlanyelwa izimvula akulula ukuba zisheshe ziguge.
“Sidinga usizo olukhulu eningasixhasa ngalo njengoba siqeda kuwelwa ihholo kumanje (collapsed hall),”esho esitatimendeni.
Uphinde wagxeka kakhulu amasela aqeda kuntshontsha ikhebula kagesi wakulesi sikole.
“Ngiyanicela kakhulu mphakathi phezeni ukuntshontsha amakhebula esikole ngoba lokhu kuphazamisa ukufunda nokufundisa,” esho, eqhuba ethi , phezani ukugangela izikole zenu njengoba niphazamisa ikusasa le mfundo engcono yezingane zenu.
Uphethe ngokuthi ngibonga kakhulu ngoxhaso enililethele abafundi bethu. Inkosi inibusise.