INHLANGANO yomfelandawonye wokukhulisa amantombazane uhlanganyele ndawonye eMondlo eKhethelihle Primary School ukuzobungaza usuku lwe Girl Guides Sunday. Lolusuku Lo mhla ka 17 September lukhulu kakhulu ngaphansi kwalenhlangano njengoba lusuke lubungazwa umhlabawonke ngokuhlukana kwamazwe neziFunda zakhona.eMondlo , e-Vryheid, eNyakatho neKwaZulu-Natal,bekuhlangene isifunda sodado baseNquthu nesase Mondlo. Inhloso yalombungazo umhlaba wonke jikelele ukuvuselela imithetho nesethembiso sama-Girl Guides, kubalwa izimiso ezimbili abaphila ngaphansi kwazo nabagqhugqhuzelwa ukuphila ngazo ukungukuba izakhamuzi eziqotho emazweni abo, kanye nokugqhugqhuzelwa kokuba bakhule ngokuzethemba, ukuzimela futhi babe nesibindi sokubhekana nomhlaba, ukuzakhela ikusasa eliqhakazile.Njengenjwayelo kwenziwe i-Parade March edonsa, futhi yajabulisa umphakathi ezitaladini zase Mondlo ukuqinisekisa ukuthi umphakathi uyazi ngobukhona bama Girl Guides nama Girl Scouts ukuze nabanye abantwana babe nentshisekelo yokujoyina.Lenhlangano ibalulele kakhulu entsheni esakhula ngokuba amalungu athola amandla okukhula nentshisekelo yokuxoxa nokukhuluma ngezinqinamba ababhekana nazo nasemphakathini jikelele, njengokulwisana ne Gender Based Violence, Poverty, Cyber bullying, Drug abuses, body shaming, t human trafficking, kanye nokufunda ngenhlanzeko (mestrual hygien) , amakhono omsebenzi wezandla (craft work), nokunye okuningi.Kulomfelandawonye uzothola abantu besifazane kusukela eminyakeni engu-4 kuya kwengu 30 Jikelele. Bese kuba khona nesigaba se- Trefoil Guild enabesifazane bayo yonke iminyaka kubandakanyeka nalabo asebekhulile abake baba ngama Girl Guides, kanti lenhlangano iyagqhugqhuzela ukuba abafisa ukujoyina bamukelekile noma nini futhi akukhethwe minyaka bangaxhumana no Busisiwe Bright Ndlela kule nombolo