UMKHANDLU waseDannhauser ububambe ukhukhule wabafundi bakamatikuletsheni,e Durnacol Sport Complex, eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal, mhlaka 19 October 2023.Izikhulumi Kanye nezihambeli zalomthatndazo ebezishiyelana inkundla ,zikhuthaze abafundi kakhulu ngokuthi, bazimisele bahlale ezifundweni zabo, baqikelele ukuthi bazilungiselela ngokwanele kusenesikhathi.Lomthandazo ubuhanjelwe ngu Nksz Phumuzile Mgcina oyi iPhini likaSihlalo kwi Mbuso Kubheka Region ,IPhini likaMengameli we-ANC Youth League, uSahluko Sithole, usihlalo weqembu le-Kaizer Consulting group aphinde abe umphathi omkhulu wesikhungo sokuqeqeshwa Kwezimboni ( CEO of Industrial Training Centre).Abanye abebeyinxenye yalomcimbi bekungu Mnu Sicelo Mkhize ongumhloli eMnyangweni weZemfundo eMajuba , uSihlalo nomsunguli weNyatee Foundation uMnu Teddy Nyathi. Abafundi bahlomule kakhulu bexhaswa iNyathee Foundation ngoba ibeka phambili ezemfundo.
Asinakiwe isakhiwo esidala sesikole saseBlaauwbosch okwafundisa kuso uChief Albert Luthuli
SESASALA sinje isakhiwo esinomlando. Isithombe. SITHUNYELWE ASINAKIWE isakhiwo esidala sesikole samabanga aphansi saseBlaauwbosch, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, lapho kwakufundisa khona inqalabutho...