NGUMFUNDI oshaywe nguthisha ngequpha. Isithombe. SITHUNYELWE
UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka uthe esitatimendeni sisethukile futhi sishaqekile ngokuvela kwezinsolo zokuthi uthishela ushaye umfundi ngequpha esikoleni samabanga aphansi i-Soul Primary School,eMzinto, eThekwini.
Kubikwe ukuthi ukujezisa abafundi ngokubashaya kwavalwa kudala (corporal punishment), futhi akulindelekile ukuthi kusenezikole ezisasebenzisa induku uma zijezisa abafundi, ayibalwa ke ephenywaya yokuthi umfundi ushaywe ngequpha uthisha.
Kuphinde kwavela ukuthi umnyango wezemfundo uphenya zona izinsolo zokushaywa komfundi ngequpha nguthishela.
UMnuz Hlomuka uthe esitatimendeni , singumnyango siphenya isigameko esenzeke kulesikole okukholakala ukuthi uthishela ushaye umfundi osemncane ngequpha wabe esevukala ebusweni.
“ Umthetho osanda kuphasiswa owaziwa ngokuthi i-Basic Education Laws Amendment Bill (BELA Act),awukuvumi ukuthi kusetshenziswe induku uma kujeziswa abafundo abonile e-South Africa, ngoba lokhu kudala ubuhlungu,” esho uHlomuka.
Kuphinde kwavela ukuthi lo mthetho awukuvumi ukuthi kushaywe abafundi emahositela, awukuvumi ukusokwa kwabafana noma kwabafundi ngezinsuku zokufunda, kumele kujeziswe bonke othisha abasasebenzisa induku ezikoleni uma bejezisa abafundi,” kuqhuba yena esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni kumele kuqinisekiswe ukuthi imithetho mgoma efaka amasiko kanye nenkolo akuphazamisi isiko lokufunda nokufundisa.
Kuphinde kwavela ukuthi umbiko uvezwe enkundleni yesikole uMzinto News Facebook kanti umnyango ubhizi nophenyo mayelana nalezi zinsolo.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni uma osolwa ngokwenza lokhu elahlwe icala lalesi senzo uyojeziswa ngokuthi axoshwe emsebenzini , wabe esexwayisa amathishela ukuba ayeke ukujezisa abafundi ngokubashaya.