Kungenkathi kukhunjulwa i-World AIDS Day.Izithombe.ZITHUNYELWE
UMASIPALA wesiFunda uMzinyathi ube nomcimbi wokukhumbula usuku lwengculaza, iWorld Aids Day, ngaphansi kwesiqubulo esithi ‘Thatha lento yama-ARV kuyaphileka’ emcimbini obuseMpumelelweni Hall, eNquthu, ngoMsombuluko.
UMnyango wezempilo uveze izibalo zabahaqekile eMzinyathi kanti okufike kwashaqisa nakakhulu izibalo zokukhulelwa kwezingane ezineminyaka yobudala esuka ku-10 kuya ku-14, esiphezulu.
OyiPhini leMeya kaMasipala waseMzinyathi, uKhansela TH Mchunu, esitatimendeni uthe “Igciwane lesandulela ngculaza nengculaza uqobo lisithinta sonke siwuMzinyathi ngakho kubalulekile ukuthi le mpi siyilwe sonke.”
“Omama abayeke ukuvilapha bangabe besabayisa abantwana emtholampilo beyolanda imishanguzo yabo. Ezikoleni izingane ezidla amaphilisi mazingacwaswa.
Bazali ngiyacela silishumayele ivangeli lokuziphatha kahle ezinganeni zethu,” kusho uMchunu, ophinde wanxusa ukuthi zinciphe lezi zibalo zokukhulelwa kwezingane ezincane.
“Umuntu oseyingane usuke engakakulungeli ukukhulelwa omunye uyafa nokufa kufe nomtwana.”
Kulo mcimbi wesikhumbuzo iminyango ehlukene kahulumeni okubalwa owezeMpilo, owesikhungo esiholela izimpesheni, i-South African Social Security Agency (SASSA) esingaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, noMnyango wezaseKhaya, bebekhona benikezela usizo lukahulumeni kuhlolwa nezifo.
Ngaphambi kokuqalwa komcimbi kuvakashelwe izingane ezigulayo ngezifo ezahlukene esibhedlela i-CJM ziyonikezwa uthando zaphiwa nezipho zikaKhisimusi.