NGUTHISHANHLOKO uMnuz Sfiso Ngobese, uthishela oculisayo uMnuz Nhlamvu Buthelezi kanye nezingane zesikole. Isithombe.SITHUNYELWE
ISIKOLE samabanga aphansi esisemakhaya esizinze endaweni yaseBhalanki (Kilbachan),eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, Ingwe Primary, kulindeleke ukuba siyoqhudelana nezinye izikole esiFundazweni saKwaZulu-Natal, emva kokuba sizidlele amahlanga emqhudelwaneni womculo wamakwaya ezikole owabe ungomhlaka 20 Meyi 2025.
Kubikwa ukuthi lesi sikole Ingwe esingaphansi kwesiFunda sezeMfundo eMajuba sizoyoqhudelana nezinye kuwo umculo wamakwaya ezikole ngoLwesibili oluzayo (mhlaka 24 Juni 2025).
UThishanhloko wakulesikole Ingwe uMnuz Sifiso Ngobese uthe , lesi sikole sesibeke isiFunda Amajuba ebalazweni njengoba eminyakeni emithathu ilandelana sizidlele amahlanga , sayoqhudelana nezinye ezisesifundazweni ,nakhona sense njalo kanti futhi sesike saqhudelane nezinye izikole kuzwelonke.
Uqhube wathi lesi sikole sivame ukuzidlela amahlanga kwisekethe yezikole ezisemakhaya (Farm Schools), nakuzikole ezisefundeni Amajuba.
“Lesi sikole sesike saqopha umlando sizidlela amahlanga esifundazweni saKwaZulu-Natal , iminyaka emithathu ilandelana ngamaculo amabili eleChamber nele Sextet,” kusho uNgobese, eqhuba ethi, lesi sikole sesike sayangqongqoza nakuzwelonke koweRhema Bible Church ngonyaka u-2023 , lapho lesi sikole saphuma phambili kwiculo le Chamber, sabe sesihlonzwa njengezingqungqulu zase South Africa emhlabeni jikelele.
Uqhube wathi nangonyaka ophelile (2024), Ingwe ijike khona emqhudulweni omculo wamakwaya ezikole kuzwelonke.
“Kulo nyaka u-2025, Ingwe Primary School isizibekele indawo enhle lapho ngokuhamba ngawo belu amaculo amabili iphikelele kwimiqhudelwano yomculo wamakwaya ezikole esiFundazweni saKwaZulu-Natal, ozoba ngoLwesibili oluzayo (24 Juni 2025),” elanda.
Uphethe ngokuthi leli kwaya lesikole liphethwe noma ukhondatha walo (choir conductor), nguMnuz Nhlamvu Buthelezi.