ISALE injena imizi kugasela izimvula ezinamandla.Izithombe.ZITHUNYELWE
IZIMVULA ezinamandla ebezihambisana nesiphepho zishiye dengwane iningi labantu eMsinga.
UMeya wesiFunda saseMzinyathi, uMnuz Petros Ngubane usezwakalise ukhathazeka ngezinhlekelele ezidalwa yisimo sezulu ezigadle ziphindelela eMsinga.
“Lokhu kuza emuva kokuba isiphepho esinamandla siphinde sagadla ngoMgqibelo kwacekeleka phansi imizi engu-135 oThulini, Fabeni, Lwezulu naseNgqungqulwini, eMsinga, kade kungakapheli sikhathi esingakanani zigadle eduze noThukela imizi eminingi yakule ndawo yantanta kumathantala amanzi,” kusho uNgubane esitatimendeni.
“Ngokombiko waboPhiko lwezinhlekelele kuMasipala uMzinyathi kulesi siphepho kunemizi emihlanu esale dengwane ingasenalo uphahla lokufihla ikhanda, njengoba kuphephuke zonke izindlu emagcekeni.
“Abantu abakhahlamezekile babalelwa ku-357, yize lishone elangoMgqibelo/ngeSonto kungakaqedwa ukuhlonza yonke imizi ekhahlamezekile okungenzeka lezi zibalo zishintshe.
“Le nto seyiyathusa ngoba izinhlekelele sezibuya manje namanje eMsinga. SiwuMasipala wesiFunda saseMzinyathi simatasa nokutholela le mindeni usizo olusheshayo ngokubambisana noMasipala wakhona eMsinga, sisalinde uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, sizwe ukuthi ungasilekelela kanjani kule nhlekelele esivelele,” kuqhuba uNgubane, ophethe ngokuthi ngenhlanhla kulesi sigameko sangoMgqibelo akushonanga muntu.