NGUMFUNDI ophase ngamalengiso uKhulekani Sibisi, kanye noMnu Sihle Zikalala, nomunye umfundi beklonyeliswa.
OBAQWAQWADE bonke emakhanda esikoleni sakhe eMnyamande High School ngokuthi athole amadistinction ayisikhombisa, uphinde waba ngomunye wabaphase ngamalengiso esiFundazweni i-KwaZulu-Natal! Kuphinde kwavela ukuthi uKhulekani Sibisi oneminyaka engu-17, obefunda kulesikole esesibalulwe ngenhla uphinde wabizwa ngowake waba nguNdunankulu KwaZulu-Natal, manje osewuNgqongqoshe weZesayensi kuZwelonke uMnu Sihle Zikalala, naye ophinde wamklomelisa ngesitifiketi ngoba ephase kahle kakhulu iPhysical Science. Kuphinde kwavela ukuthi lomfundi osebalulwe ngenhla odabuka endaweni yaseNtendeka, eDannhauser, eNyakatho , neKwaZulu-Natal, ukuthi uyoqhuba izifundo zakhe ze-Electrical Engineering e-Wits University. Lo mfundi wenze ezibukwayo ngoba kuzo zonke izifundo abezifunda, zonke uziphase ngodistinctions,wabeka isikole sakhe kubalazwe kanye nesifundazwe. Ebuzwa imfihlo yakhe ngokuphumelela kwakhe uthe ukuzimisela futhi ukuzinika isikhathi sokutadisha , ungabheki okuseceleni., yikho ongungenza ngenza kahle ezifundweni zami.