IMeya yesifunda uMzinyathi , ukhansela Petros Ngubane, ilemukele ngezandla zombili uxhaso lokufakwa kwamanzi olethulwe nguNgqongqoshe wezamanzi nokuthuthwa kwendle kuzwelonke UMhlonishwa Senzo Mchunu alethule eMsinga namhlanje.UMacingwane kulembizo yamanzi ebiseFabeni eMsinga uthe eMzinyathi uzofaka ama-borehole awu-6 ku-wadi 8&9 eMsinga, eKranskop afake amabili kanti enye yawo udlule wayivula ngokusemthethweni ngaphambi kokuba abe seMsinga namhlanje.Uzophinde anwebe indawo yokukhuculwa kwendle eMvoti, aphinde aqedele ukuxhunywa kwepayipi elikhulukazi okusele u-4kms ukuthi liphele amanzi afinyelele emphakathini.UNgqongqoshe uphinde waveza ukuthi eMakhabeleni nakhona bazokubheka ukunwetshwa kwesiphehlimanzi yize lolu hlelo besalunkankanya ngokunjalo nokufakwa kwama-boreholes, Mjitini, Mvundleni,Kwathi, Dungamanzi naseGalibas.UMhlonishwa Meya wesiFunda uMzinyathi uNgubane uthi bajabulile ngoxhaso lomnyango kazwelonke ngoba inkece yesabelo-mali abayitholayo kayinelisi zonke izindawo.”Uma sesithole uxhaso kulezi ndawo ezibaliwe, esinakho sesizokufaka kwezinye izindawo ngoba umbono wethu ukuthi ngo-2030 bonke abantu eMzinyathi sebenawo amanzi. Sithenge namanye ama-generator efana nalena yaseNquthu eMsinga,Mvoti naseNdumeni esilekelela kakhulu uma kuhamba ugesi ngoba iziphehlimanzi zethu ziyaqhubeke nokumpompa amanzi afinyelele emphakathini yethu kungabikhona kuphazamiseka.”Sibonga kakhulu kuMacingwane nomnyango siyethemba akagcinile uzoqhubeka asilekelele kuze kube iyanqotshwa eyamanzi,” kusho uMhlonishwa uMeya.