UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka ,ushayele ihlombe izakhamizi zakwa D KwaMashu eWadi 40, eziphume umkhankaso wokulwisana nokwebiwa kwempahla kanye nokucekelwa phansi kwempahla yezikole.
Kubikwa ukuthi esigamekweni sakamuva izakhamizi sibambe isele ebeleba amapayipi ekhopha.
Uthe esitatimendeni, izakhamizi ziphume umkhankaso wokulwisana nezenzo zobugebengu kuleli wadi eselibalulwe ngenhla.
“Izakhamizi ezilwisana nobugebengu emphakathi zibambe lomgulukudu oqotsheni kanti futhi uzivumele ngokwakhe ukuthi ubezoganga futhi wake waganga,” kusho uMnuz Hlomuka esitatimendeni.
Uqhube wathi esitatimendeni , uzivumele ngokwakhe ukuthi wake wagqekeza ekotishi , wantshontsha izinto eziningana.
Uphinde wabonga umphakathi oyibhekelele inqalasizinda efana nesikole okufunda khona izingane zabo.
“ Uphinde wagxeka bonke laba abathenga izimpahla zokwebiwa wathi babhebhethekisa ubusela kanye nemigulukudu,” kusho yena.
“Ubonge kakhulu izakhamizi ezikuqinisekisayo ukuthi ziyayivikela inqalasizinda ezilethelwe yona. Abantu baKwaMashu siyabancoma kakhulu ngokuhlala bebhekile ukuthi izikole azigqekezwa futhi nenqalasizinda ayicekelwa phansi,” kusho yena.
Uthe esitatimendeni, lokhu kwebiwa kwenqalasizinda, iphinde icekelwe phansi kungukudelela ikusasa labafundi.
“Imigulukudu eganga ezikoleni isuke intshontsha konke okubalulekile okusuke kuzosiza abafundi ezikoleni , njengoba kuhlale kwenzeka ukuntshontshwa kwamakhompuyutha, ukudla nokunye okusuke kuthengelwe ukusiza abafundi,” kusho yena. Uphethe ngokuthi esitatimendeni , labo abathenga impahla yokwebiwa babhebhetheki