IZKHUKHULA zindlule nemiphefumulo emibili eMandeni, eNyakatho neKwaZulu-Natal, kwashona umfanyana oneminyaka engu-8 kanye nobaba oneminyaka engu-37. Kuvelile emibikweni otjunyelelwe leli phephandaba ukuthi lobaba benomfana bebezama ukuwela umfula uMasnde, KwaSithebe, eMandeni, ngoKhisimuzi ngenkathi bemuka nomfula obudla izindwani. Kuphinde kwavela ukuthi isibalo sabantu abamukile KwaZulu-Natal, bangu-7 kanti abangu-11 basathingathwa ngabatshuzi basemazini. UNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana nezoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole Moloi, uthe isidumbu somfana sitholakele ngoLwesibila ngabatshuzi kanti esalona omdala sisathungatha yibo abatshuzi kanye nababhekelele ezezinhlekelele kanye namaphoyisa. Uthe lokuminza kwabantu kudalwa izimvula ezinamandla ezihambisana nezikhukhulu ngoba lisaqhubeka nokuyidliva kakhulu esiFundazweni. Uqhube wathi ukuthungathwa kwalona omdala kube sekumiswa ngenxa yesimo sezulu esingesihle, kanti kuzoqhubeka namuhla ekuseni. Uthe laba babalwa nalaba abaminze eLadysmith ngenkathi izimoto zabo ziwela ebhulohweni ngenxa yezikhukhula ezidalwe ukuna kwezulu ngamandla. Ube esindlulisa amazwi enduduzo kulabo abalahlekelwe zihlobo nabangani, ngenxa yesimo esibi sezulu. Ube esehlanganisa ithimba lomasipala bezenhlekelele ukuba bambambisane ngoba siqhubeka isimo sezulu esingesihle. Ube esxwayisa bonke laba ababhizi behamba befudukela emakhaya ukuba bashayele ngokucophelela futhi bangayiweli imfula namabhuloho uma bengabonanga ukuthi asekhona noma awekho futhi bagweme ukuhamba uma besibona ukuthi isimo sezulu asikho kahle. Uthe bahlangene nayo yonke iminyango kahulume ngemikhakha ehlukahlukene ukuze balekelele imindeni ekhahlazamekile.