KWESIPHEZULU ngamathishela aseBlack Bank Primary School kanye nabafundi. Kwesingezansi ngabafundi base Sphesihle Primary School, amathishela, abazali kanye nabasebenzi beCocoon Consulting. Izithombe. LANGELIHLE CHAGWE
WEHLULEKILE ukubamba izinyembezi zenjabulo umfundi wesikole samabanga aphansi i-Sphesihle Primary School, ngenkathi yena kanye nabanye abafundi bexhaswa ngezicathulo inkampani i-Cocoon Consulting , eMadadeni, ngeSonto eliphelile.
Kubikwa ukuthi iningi la bafundi abaxhaswe ngezicathulo zesikole , bavela emndenini entulayo futhi iningi labo liqhamuka ezindaweni ezisemakhaya futhi bebegqoka izicathulo ezidabukile .
Le nkampani i-Cocoon Consulting ikuvezile ukuthi bona abasiyona inhlangano yezepolitiki kodwa le mali abathenge ngayo izicathulo zokuxhasa abafundi abantulayo iphuma emaphaketheni abo.
Abafundi abahlomulile kulolu hlelo abafunda ezikoleni okubalwa kuso i-Sphesihle Primary, sase Madadeni bese kuba ngezine zaseDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal, okuyi Spookmill Primary, i-Thathunyawo High, Black Bank Primary kanye eGreenock Primary School.
Lezi zikole ezihlomulile zingaphansi kwesiFunda Amajuba kanti abafundi baqhamuka emindenini engathathi ntweni, eminye iphethwe zingane kanti abanye babafundi bahlala nogogo njengoba abazali sebashona.
Abahlomule kulolu hlelo lwezicathulo bangamashumi ayisithupha (59).
OyiMenenja aphinde abe nguMqondisi (Managing Director), phecelezi MD kulenkampani i- CoCoon Consulting, uNksz Hlengiwe Mthembu uthe , siyinkampani asilona iqembu lezepolitiki futhi alikho neqembu esilikhankaselayo , lomnikelo wokuhlomulisa abafundi abantulayo siwenza njengoba sikhipha imali emaphaketheni ethu.
Uqhube wathi sesineminyaka emithathu sabakhona kanti futhi sithi uma sihamba siya emsebenzini kube buhlungu uma sibona izingane zigqoke izicathulo ezidabukile kanye nomfaniswano odabukile.
“Sibone kubalulekile ukuthi sibuyisele emphakathini esisebenza kuwo,” esho.
Uqhube wathi senza umsebenzi oqeqeshelwe (professional) ,kanti futhi sihambisa izidingo emkhakheni we humanities, kuStakeholder Relations kanye nokunye nje kwasemphakathi (social facilitation), kanti inkampani yethu ineminyaka emithathu isebenza.
“ Umbono nogqozi lwavela ngenkathi sibona abantwana beya esikoleni begqoke izicathulo ezidabukile,”kusho yena.
Oyibamba likathishanhloko eBlack Bank Primary School uNkk N Ndimande uthe ,sibonga kakhulu ngenisenzele kona uNkulunkulu anibusise.
Uthe nathi sibabuhlungu uma sibona abafundi beza esikoleni nezicathulo ezidabukile kanye nomfaniswano odabukile.
“ Siyabazi abazali babantwana ukuthi abasebenzi kanti abanye bakhuliswa ogogo kanti abanye babantwana abasenabo abazali kanti bahlala bodwa,” kusho yena.
Uthe abanye babantwana bayasiyeka isikole ngenxa yokuhlekwa ngabanye uma begqoke umfaniswano odabukile noma bewuswele.
Umfundi owenza uGrade 7 ongadalulwanga ngenxa yokuvikela isithunzi sakhe uthe siyabonga kakhulu ngosizo lwezicathulo , abazali bethu abanawo amandla okusithengela, manje sesizokwazi ukuzigqoka njengoba besingazi ukuthi sogqokani njengoba sekuqala nobusika.
Inkosi inibusise!
