Ikhopha etholakale ngenkathi kuboshwa abasolwa. Isithombe. Sithunyelwe
KUBOSHWE abasolwa abane abaneminyaka esukela ku-23 kuya kwengu-43, emva kokuba betholakale nekhopha eyebiwe. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uConst Siyabonga Nkwanyana, lababosolwa baboshwe enkabeni yedolobha laseDundee, ngelendlule. Uthe Ngolwesibili mhlaka 5 December 2023, amaphoyisa alunywe indlebe ngamalunga omphakathi , ngabasolwa abebehamba bedayisa ikhopha enkabeni yedolobha. Uphinde wakuveza ukuthi usomabhizinisi othile otshele amaphoyisa ukuthi kunabantu abasendaweni asebenzela kuyo abadayisa ikhopha.Uthe amaphoyisa aseDundee Kanye nonogada benkampani i-Discover Grace, bagasele kulendawo lapho befike babopha khona labasolwa, abebehamba ngemoto eyiveni ebithwele ikhopha engu-120 kg, babe sebekhalelwa ngamaSongo ka S’gonyela , khona endaweni yesigameko. Uphethe ngokuthi bobane abasolwa sebevelile eNkantolo kaMantshi waseDundee, kanti icala labo libe selihlehliselwa umhlaka 18 December 2023, bezofaka isicelo sebheyili. UKhomishana wesiFunda ubonge kakhulu losomabhizinisi ngokusebenzisana namaphoyisa ukuze kulwisane nobugebengu.