AMAPHOYISA aseNewcastle asekhiphe isexwayiso nokuqwashisa umphakathi ukuthi ungazivikela kanjani uma ungenelwa zigebengu! Akuvezile ukuthi lokhu kungaba isipiliyoni esibi kumninimuzi kanye nasemndenini wakhe. Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe ngamaphoyisa akuleli dolobha, athi indlela engcono ukuba uhlale uzilungiselele kanti futhi ube nezindlela eziningi ongazivikela ngazo uma izigebengu zifuna ukungena emzini wakho, futhi ungazitholi usencupheni yokungenelwa. Athi akuhlelela lokho kanye nokuhlala uqaphile ikona okubalulekile nokumqoka empilweni yakho neyomndeni. “Qikelela ukuthi zonke izindawo zokungena emzini wakho ,zihlala zivaliwe okuyiminyango yasemagalaji, amafasitela nokunye nje okungaba intuba yokungena izigebengu,”kusho isitatimende. Siqhube sithi qikelela ukuthi umuzi wakho uvikeleke ngokwanele futhi ngokwezinga eliphezulu, futhi wandise nezinto zokuvikela ezifana nezinsimbi. “Fundisa wonke umndeni wakho kanye nabasebenzi basezindlini ukuthi asetshenziswa kanjani ama alamu kanye nalokhu okubizwa ngokuthi izinsiza zokuthuka (panic buttons). Kumele futhi kakwazi ukuthi ubani okumele ashayele izimo eziphuthumayo uma kukhona abafuna ukungena ezindlini zabo ngenkani. Kufanele babe nazo zonke izinombolo zezimo eziphuthumayo uma kuvela isimo esifuze lesi, futhi zonke lezinombolo kumele zihlale zikomakhalekhukhwini babo nasemafonini asezindlini. Siqhuba sithi uma ungatshelwanga ukuthi khona abazobe bezolungisa noma kukhona impahla abayilethile ungalokothi uvule isango lokungena noma umnyango, noma ngoba bayagcizelela ukuthi balindelekile balishayile iphuzu. “Kumele ukuqikelele ukuthi i-alamu yakho ihlala isebenza ubusuku nemini ukugwema ukungenelwa zigebengu. Kumele uqikelele ukuthi indawo yakho yangaphandle kwendlu ihlala ikhanya ngaso sonke isikhathi., kungabi bikho indawo emnyama ikakhulukazi emakhoneni. Kumele baqikelele ukuthi omakhalekhukhwini bahlala bebaphethe noma beseceleni kwabo engutsheni. Kuthi nepanic button nayo ihlale iseduze nawe noma isesandleni. “Uma kwenzeka ukuthi izigilamkhuba zikhonile ukungena endlini yakho kumele wehlise umoya, ubheke isimo ukuthi sinjani. Uma ubona ukuthi uphakathi kokufa nokuphila ungalokothi uzame ukulwa, mukela isimo njengoba sinjalo, abanikeze ithuba lokuthatha konke abasuke bekudinga ngalesosikhathi, ukhulume kuphela uma bekukhulumisa, nakhona ukhulume uyihlabe esikhonkosini ungankanti. Ngaleso sikhathi zama ukukhumbula konke abakwenzayo futhi ukuqinisekise ukuthi ubheka impahla abayigqokile kanye sesiqu sabo ukuthi bade bakhulu bafishane , bayakhanya ngebala noma bampisholo uma bengafakanga izimboza buso (balaklavasi). Okubaluleke kakhulu ukuthi uqaphelisise uma bebizana ngamagama, ukuze uzowakhumbula ekuhambeni kwesikhathi. Ekunisweni amamithi okuqala uma uhlaselwa ayethusa futhi ayethusa, awubungozi obubi, kodwa zama ukwehla. Emva kwesigameko noma usola ngathi uyahlaselwa shayela lezinombolo ezilandelayo:034314 6156 noma Crime Stop: 08600 10111.