UMNYANGO weZabasebenzi uyaqhubeka nokuhlola izimboni ikakhulukazi ezendwangu ukuthi ziyayilandela yini imigomo yezokuphepha, ezempilo kanye nokuholela abantu amaholo ngesilinganiso esibekwe ilomnyango (minimum wage). Kuvelile ngenkathi kuhlolwa izimboni eMandeni ngosuku lokuqala mhlaka 11 December 2023 , ukuthi iningi labaqashi bebezama ukuqhamuka nezizathu ezingacacile ukuthi yingani amarekhodi abo engekho noma engekho esimeni. Kuphinde kwavela ukuthi abanye babaqashi ngenkathi kwenziwa lokuhlolwa kwezimboni ukuthi ziyawulandela yini imigomo ukuthi bathe bebengaziswanga bona ukuthi bazovakashelwa kuzohlowa amabhizinisi abo. IMqondisi wezokuxhumana emnyangweni uNksz petunia Lessing , uthe abanye babaqashi batholakale namacala okuzama ukubalekisa abaqashwa nababalekise abaqashwa uma bebona kufika izipekta zomnyango. Uthe omunye wabaqashi uthe inkampani yakhe ingumfelandawonye futhi isizovalwa maduzane bese kulahleka amathuba omsebenzi ebantwini abangu-50. Uqhube wathi umnyango ubambisane nezinye izinhlaka bazohambela izimboni zendwangu okuwusuku lwesibili bebheka ukuthi ukuholelwa kwesisebenzi ngomlinganiso obekiwe ngehora uyalandelwa yini, kuphinde kubhekwe ezokuphepha nezempilo kulezimboni nanokuthi ziyahambisana nayo yonke imigomo ezibekelwe yona. Ngokusho kokhulumela lomnyango , umnyango ngosuku lwayizolo mhlaka 11 december 2023, baqale lomkhankaso wokuhambela lezimboni behambisana nabakwaHome Affairs, Mandeni metro, SAPS, Textile Sector Bargaining Council , ngenkathi bekumasipala wesiFunda Ilembe. Uthe lenhlanganisela yeminyango ehlukahlukene ibigxile ezimbonini zndwangu kanye nezezingubo ngoba kubonakala ukuthi izona ezingayilangdeli imigomo nemibandela ebekelwe abaqashi ukuthi bayilandele uma beholela noma beqasha abasebenzi. Uthe bengumnyango bafuna ukuqinisekisa ukuthi izinga le International Labour Standard kanye ne-International Labour Organisation liyaqinisekiswa ukuthi liyenzeka futhi liyagcina , ukuze kuqinisekiswe ukuthi amalungelo abasebenzi , nemigomo yezokuphepha nezempilo ayalandelwa futhi ayahlonishwa. UChief Inspector uNkk Milly Ruiters uthe ngalomkhankaso bafuna ukuqinisekisa ukuthi bakhuculula kwasani ezimbonini ezingayilandeli imigomo nemibandela elawula abasebenzi nokuqashwa kwabo. Uphinde wathi bafuna nokukhuculula ezimbonini eziqasha abantu bangaphandle noma kwamanye amazwe abanganamaphepha, ngoba behlose ukubaholela imali encane, ngoba kuvelile ukuth abanye babasebenzi baholelwa uR3,00 ngehora.Oyi department of labour Chief Director: Provincial Operations, uMnu Edward Khambule, uthe bagxile kakhulu ezimbonini zendwangu kanye nezezingubo ngoba izona eziphula lemigomo ebekelwe izimboni kakhulu, kanti futhi kunemigomo elawula kakhulu izimboni zaseMandeni. Uqhube wathi ukuvakashela izimboni ngeke kumenyezelwe ngoba abafuni kube khona abakufihlayo kungakafiki izipekta. Uthe siyaziqonda izinselelo zokuvakashela izimboni kungamenyezelwe kodwa into ezohlala yenzeka, ngoba banikiwe Amandla okwenza lokho. Uthe kumele kuqinisekiswe ukuthi kulandelwa umthetho i-Basic Conditions of Employment Act, Labour Inspector appointed under Section 63 (1), ogqugquzela ukuthi imigomo nemithetho yezabasebenzi iyalandelwa. Uphethe ngokuthi kulicala elikhulu ukuvimbela izipekta ukuba zenze umsebenzi woza wokuhlola ukuthi izimboni ziyayilandela imigomo nemithetho ezibekelwe yona. Uthe uhlelo lokuhlola izimboni eMandeni luphela kusasa ngoLwesithathu mhlaka 13 December 2023.