IZIBHAMU ezishaqwe kuboshwa abasolwa.Isithombe.SAPS
KUBOSHWE abasolwa ababili abaneminyaka engu-29 nengu-34, eKranskop , beboshwa ngamaphoyisa oPhiko lwe Kranskop Crime Prevention Unit, emva kokuba betholakale nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
Kubikwa ukuthi lolu Phiko lwamaphoyisa beluzihambela ngenkathi libona imoto esolisayo , labe seliyimisa lasesha abasolwa , bathola lezi zibhamu ezimbili kanye nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Okhulumela amaphoyisa esiFunda uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni, kuboshwe abasolwa ababili abaneminyaka engu-29 nengu-34 , emva kokuba betholakale nezibhamu ezingekho emthethweni nezinhlamvu.
“ Amaphoyisa oPhiko lwe Kranskop Crime Prevention Unit , abezihambela ngenkathi ebona abasolwa ababili abasolisayo behamba ngemoto, abe esemisa imoto yabo okuthe uma ebasesha athola izibhamu ezimbili zohlobo lwama pistol kamnye nezinhlamvu konke okungekho emthethweni,” esho.
Uqhube wathi esitatimendeni, abasolwa babe sebeboshwa khona lapho.
Uthe esitatimendeni, izibhamu ezitholakale kubasolwa zizohamba ziyohlolwa ukuthi azikaze zimbandakanyeke yini ezenzweni zobugebengu.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, laba basolwa ababili bazovela eNkantolo kaMantshi wase Kranskop bebhekene namacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.