KUXWAYISWA umphakathi ukuba ungaphathi izizumbulu zemali kulamaholidi kancibijane.
Lokhu kushiwe isitatimende esithunyelelwe leli phephandaba, ngu Lizzy Arumugam , waseteshini samaphoyisa aseNewcastle. Uthe kuyingozi! Uthe uxwayisa abezitokufela ukuba imali uma beyihlukanisa bayifake kuma akhawuntu amalunga, futhi bakugweme ukuhlukanisa emakhaya. Maningi amacala lapho amakilabhu noma amalunga ezitokufela eluza imali ayisebenzele unyaka wonke kodwa ayiluze ngosuku lokuhlukanisa. Uqhube wathi abantu bayakhuthuzwa imali abayisebenzele unyaka wonke, kwesinye isikhathi babulawele yona.
“ Kumele ubheke izikhathi kanye nezinsuku oya ngaso ebhange, ukugweme ukufaka imali engikheshe ebhange,” kusho yena , eqhuba ethi, ungatsheli abantu uma uyofaka noma uyokhipha imali ngisho nesihlobo imbala. Uthe akumele uveze imali ozoyifaka noma usumile kulayini wasebhange, ugweme nokuphatha izikhwama zezimali zasebhange.
Uphinde wanxusa umphakathi ukuthi ungazivezi iziliphu uma uqeda kufaka imali. Uphethe ngokuthi kungcono kakhulu uma uzoya ebhange elingakini, eliseduze nawe.