ZIBHAMU nezinhlamvu ezishaqwe kuboshwa abasolwa.Isithombe. ZITHUNYELWE
KUBOSHWE abasolwa ababili abaneminyaka esukela kwengu-39 kuya kwengu-48 , emva kokuba betholakale nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu, ngenkathi bekunomkhankaso wokulwisana nokuphathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni, namuhla mhlaka 16 Julayi 2025.
Kubikwa ukuthi laba basolwa baboshwe uphiko lwe uMzinyathi District Crime Intelligence ibambisene ne Pietermaritzburg Public Order Policing.
Okhulumela amaphoyisa kwisiFunda uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni, kuboshwe abasolwa ababili abaneminyaka esukela kwengu-39 kuya kwengu-48 , emva kokuba betholakale nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
Uthe esitatimendeni, namuhla amaphoyisa abethungatha izibhamu ezingekho emthethweni endaweni yase Tshekane kanye nase Muden.
“ Esigamekweni sokuqala amaphoyisa abophe umsolwa wokuqala emva kokuba emthole nesibhamu sohlobo lwe pistol esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu ,” kusho uNkwanyana esitatimendeni, eqhuba ethi, esigamekweni sesibili amaphoyisa agasele emzini thizeni , lapho umsolwa ekwazile ukuphulukundlela wabaleka , kodwa ngenkathi amaphoyisa esesha athola isibhamu sohlobo lwe .38 special revolver esingekho emthethweni.
Uqhube wathi esitatimendeni, ngoLwesibili ebusuku amaphoyisa oPhiko lwe Msinga Crime Prevention Unit abebhizi ezulazula emgwaqeni u-R33 ngenkathi ebona imoto esolisayo , ebeyipake eceleni komgwaqo .
Uthe esitaimendeni , ngenkathi amaphoyisa efika abe esesesha oyedwa kwabebehamba ngemoto athola isibhamu esingekho emthethweni sohlobo lwe .38 revolver, abe esebopha umsolwa.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, bonke laba basolwa bazovela eNkantolo kaMantshi wase Msinga maduzane bebhekene namacala okutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.