UKUBAKHONA koPhiko lweNational Inntervention Operation Deployment, kubonakala kuthela izithelo. Lokhu kufakazelwa ukuthi akupheli iviki kungashaqwanga izibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu ikakhulukazi kwisiFunda Umzinyathi. Kuboshwe abasolwa abanye kusukela mhlaka 14 kuze kuba izolo ngoMgqibelo emva kokuba betholakale nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu, kanye nensangu eMzweni, eNhlanhleni. Kuvelile ukuthi amaphoyisa lawa asebalulwe ngenhla abenezivimba mgwaqo ngenholoso yokuqeda ngezibhamu ezingekho emthethweni futhi ezibeka izimpilo zezakhamuzi encupheni, ngokuzibulala ziphinde zisetshenziswe ekubanjweni kwenkunzi kuhlonyiwe. Laba basolwa baneminyaka esukela kwe-19 kuya kwewu-45. Kuphinde kwavela ukuthi lolu phiko oselubalulwe ngenhla belihambisana namaphoyisa aseMsinga ngenkathi kuboshwa laba basolwa. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa esiFunda Umzinyathu uConst Siyabonga Nkwanyana, kuboshwe abasolwa abawu-4 ezigamekweni ezahlukene. Uthe benze izivimba mgwaqo endaweni yaseMzweni ngaphansi kwamaphoyisa aseNhlanhleni okuyilapho bevimbe khona imoto bathola umshayeli ephethe isibhambu esingekho emthethweni nezinhlamvu emva kokumsesha nemoto yakhe. Ukuvezile ukuthi izolo ngoMgqibelo mhlaka 15 June 2024 wona lamaphoyisa abesenza wona lomsebenzi wokuvimba izimoto kuseshwe abashayeli kanye nezimoto lapho abakholwa ukuthi kungenzeka ukuthi bakhonile ukuvimbela khona ukubulawa kwabantu noma ukubanjwa inkunzi kuhlonyiwe ngoba kulomkhankaso babophe abasolwa ababili abatholakele nezibhamu ezimbili ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu endaweni yase Emachunwini. ” Amaphoyisa aphinde alunywa indlebe ukuthi kunomsolwa odayisa insangu endaweni yase Sibongile , eDundee, abe esegasela khona lapho efike abopha khona umsolwa wokufika oneminyaka ewu-22, emva kokuba bemthole nensangu. uqhube wathi lona ubekwe icala lokutholakala nensangu, waphinde wavulelwa icala lokuba kuleli ngokungekho emthethweni (Immigration Act). Uphethe ngokuthi bonke labasolwa bazovela eNkantolo kaMantshi waseDundee kanye naseMsinga, kanti nezibhamu sizohamba ziyohlolwa ukuthi azikaze zimbandakanyeke emacaleni okubulala kanye nokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe.