KUBOSHWE abasolwa abayisithupha kwashaqwa izidakamiswa! Kubekeka ngathi izinga lokusetshenziswa kwezidakamizwa Osizweni,eNewcastle, eNyakatha ne-KwaZulu-Natal, ngelendlulo , ezigamekweni eziyisithupha ezahlukene , lapho kuboshwe khona abasolwa abaneminyaka esukela kwengu, 23, 25,26, 31, 32, 39 kanye nona-46. Laba abasolwa nje baboshwa emva kokuba amaphoyisa ezinhlaka ezahlukene ngaphansi kwa-Amajuba District, okubalwa owaSozweni, Osizweni Crime Prevention, awaseNewcastle, Utrecht, Madadeni, abehamba ezulazula endaweni yasOzweni. Esgamekweni sokuqala amaphoyisa egasele emzini othise esigcemeni A, lapho efike athola amaphasela angu-17 ewhoonga , abe esebopha umslolwa oneminyaka engu-23. Kuvelile ukuthi lezidakamizwa zingabiza imali engu-R800,00, ngentengo yasesitaladini. Kwesinye isigameko esithi masifuze lesi , kuboshwe umslolwa oneminyaka engu-46, emva kokutholakala namaphilisi amabili ohlobo lwe Crystal Meath, khona esigcemeni A khona Osizweni. Lamaphilisi angabiza imali engu-R200 , ngokusho kokhulumela amaphoyisa aseNewcastle, uNkk Lizzy Arumugam. Uqhube wathi lamaphoyisa aphinde agasela komunye umuzi oseManzana lapho efika abopha umsolwa oneminyaka engu-39, emva kokumthola nezidakamizwa zohlobo lweWhoonga ezingu-18, ezingabiza R900.00 ngentengo yasesitaladini. “Baphinde bahamba baya komunye umuzi osesigcemeni B khona Osizweni , lapho befike babopha khona umsolwa oneminyaka engu-32 emva kokumthola namaphilisi amabili ohlobo lwemandrax angabiza R200.00,” esho, eqhuba ethi kwesinye isigameko amaphoyisa abophe umsolwa oneminyaka engu-31, amthole namaphasela angu-3 e-Crystal Meath kanye nohafu wemandrax, angabiza imali engu-R400.00. Uthe loluphiko lwamaphoyisa ululwisana nokushushumbisa nokbhema izidakamizwa luthele izithelo ezinhle ngoba bakwazile ukubopha laba basolwa ngokushushumbisa izidakamizwa kulelilokishi. Uqhube wathi amaphoysa asazoqhubeka athungathe abanye abasolwa ngokushushumbisa nababhema izidakamizwa. Uphethe ngokuthi abantu abazibike izigameko zabantu abashushumbisa baphinde bapheme izidakamizwa ngoba zibulala abantu.