ZIBHAMU ezitholakale kuboshwa abasolwa.Isithombe. SAPS
UMKHANKASO wamaphoyisa wokulwisana nokuphathwa kwezibhamu ezingekho emthethweni kwisiFunda uMzinyathi uthela izithelo.
Kubikwa ukuthi kuboshwe abasolwa abathathu abaneminyaka esukela kwengu-47 kuya kwengu-54 kwaNqulu,eNquthu kanye nase Msinga esiFundeni uMzinyathi, beboshwa ngamaphoyisa oPhiko uMzinyathi Crime Intelligence ebambisane ne-Newcastle Public Order Policing, ngoLwesibili (namuhla), kanti izolo kuboshwe abasolwa ababili eKranskop nabo abatholakale nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
Okhulumela amaphoyisa esiFundeni uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni, kuboshwe abasolwa abathathu abaneminyaka engu-47 newu-54 eNquthu kanye naseMsinga, emva kokuba betholakale nezibhamu ezingekho emthethweni zohlobo lwama pistol kanye nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Uthe esitatimendeni, amaphoyisa abelandela ezobunhloli ngenkathi egasela ezindaweni ezimbili kwaNqulu, e-Nquthu, lapho efike abopha umsolwa wokuqala otholakale nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu, babe sebendlulela komunye umuzi lapho befike babopha khona omunye umsolwa naye otholakale nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
Uqhube wathi esitatimendeni, kwesinye isigameko amaphoyisa oPhiko uMsinga Crime Prevention, abemisa abantu ebaseshe e-Keats Drift , ngenkathi ethola umsolwa nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu
“ Zonke lezi zibhamu ezitholakale kubasolwa zizohanjiswa ziyohlolwa ukuthi azikaze yini zimbandakanyeke ezenzweni zobugebengu kanti bobathathu bazovela eNkantolo kaMantshi wasenquthu kanye neyase Msinga,” kusho uConstable Nkwanyana esitatimendeni.
UKhomishana wesifunda uMzinyathi uMajor-General Francis Slambert ubonge kakhulu amaphoyisa ngokusebenza ngokukhulu ukuzikhandla ekuboshweni kwalemigulukudu.
Uthe esitatimendeni, ukususwa kwezibhamu ezingekho emthethweni emphakathini kuzoletha ukuphepha nokuvikeleka kwezakhamizi ebungozini bokudutshulwa nokubanjwa kwenkunzi, imigulukudu.