KUBOSHWE izikhulu eziphezulu zikaMasipala wakwaNongoma emva kokuba zitholakale ukuthi zisebenzise izimali budedengu. Kuphinde kwavezwa uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba esitatimendeni esithunyelelwe leli phephandaba ukuthi basethukile futhi baphatheke kabi ngokwenzekile kuboshwa lezikhulu emva kokuba kutholakale ukuthi zisebenzise budedengu kwezimali zomphakathi. Ngokusho kukaNgqongqoshe uNkk Bongiwe Sithole-Moloi esitatimendeni, uthi bafisa ukuthi kube nomhlangano ophuthumayo wamaKhansela kamasipala ukuze lezikhulu zizothathelwa izinyathelo ezinqala maduzane futhi kuqinisekiswe ukuthi bazosebenzisana nezinhlaka zomthetho uma ufuna ukuthola okuthize mayelana nalezinsolo ababhekane nazo. Uqhube wathi amakhansela phecelezi umkhandlu uyaqinisekisa ukuthi bayabona ukuthi izimali zomphakathi zisetshenziswa kanjani, kanti nomphakathi uyaziswa ngokusetshenziswa kwezimali. Kuphinde kwavela ukuthi ukusetshenziswa budedengi kwezimali zomkhandlu akuvumelekile futhi kwephula isithembiso , kanye nesibophezele zokusebenza ngokuthembeka kwezikhulu eziphezulu zikamasipala nano kuthi zibekwe ngokwethenjwa ukuthi zigade izimali zomphakathi, hhayi ukuphula lesivumelwano. “ Umphakathi uyasithemba ukuthi izimali zawo zizisebenzisele ekuphuculeni izimpilo zawo, hhayi ukuzisebenzisele ukuzinothisa bona,” kusho yena.Ukuchazile ukuthi bafisa ukuthi umphakathi ubathembe ukuthi izimali zawo zisezandleni eziphephile futhi ezithembakile. Uphinde wanxusa amalunga omphakathi angaba bolwazi lokuthi izimali zawo zisetshenziswa budedengu ukuba beze ngaphambili babanikeze ulwazi olungaholela ekutheni uphenyo luqhubeke kahle, futhi kuboshwe nabenzi bobubi. Uphethe ngokuthi uma bengaqhamuka nolwazi kungenza umsebenzi wokuletha izidingo zabantu ube lula.