KUBOSHWE umsolwa oneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili (38), ngoLwesithathu (izolo), ngamacala okubulala abathathu, awokuzama ukubulala kanye nokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe eNhlabankosi,eMthwalume.
Kubikwa ukuthi lo msolwa wadubula wabula uSandile Mkhize owabe eneminyaka engamashumi amane nanhlanu (45), uXoliswa Mbhele owabe eneminyaka engamashumi amathathu nantathu (33) kanye noNduduzo Duma owabe eneminyaka engamashumi amathathu nane (34) , okwenzeka mhlaka 27 Juni 2024.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni uLieutenant-Colonel Paul Magwaza uthe esitatimendeni, uMkhize, uMbhele kanye noDuma badutshulwa babulawa emgwaqeni u-R102 behamba eMthwalume.
Uqhube wathi esitatimendeni uMkhize wabe ebuya eNkantolo ngenkathi edutshulwa ebulawa nalaba ababili ayehamba nabo.
“ Kwaphinde kwalimala nomunye owabe ehlezi esitobhini sebhasi,” esho esitatimendeni, ethi wathola ukulinyazwa ngenhlamvu eyaphaphalaza.
Uqhube wathi esitatimendeni, lona uboshwe ngabaseshi okufakwa kubo i-Provincial Murder and Robbery Task Team, Ugu Tactical Response Team, eThekwini Infrastructure Task Team, Provincial Task Team PES, Metro Trio Task Team and Tracing Team , eboshwa eNhlabankosi.
Uthe esitatimendeni, ube eseyamaniswa nokwebiwa kwemfuyo, ukwebiwa kwemoto kanye nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, lona uzovela eNkantolo kaMantshi waseMzumbe ngoLwesihlanu (kusasa).