KUBOSHWE umsolwa oneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili ngamaphoyisa oPhiko oluphenya amacala abucayi okubulala kanye nawokubamba inkunzi kuhlonyiwe (KwaZulu-Natal Murder and Robbery Unit)) eV/6 eMlazi,eThekwini.
Kubikwa ukuthi lo msolwa wokufika wabulala abantu abayisithupha mhlaka 17 Agasti 2024, wabe eseshaya utshani nabangani bakhe.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni, kuboshwe osolwa ecaleni lokubulala abantu abayisithupha mhlaka 17 Agasti 2024.
Uthe esitatimendeni , abagilwa babehlezi nabantu besifazane abathathu ngenkathi kuqhamuka abantu abangaziwa abafike baphoqa labantu besifazane ukuthi balale phansi base bedubula bebulala abantu besilisa abayisithupha , base beshaya utshani.
“ Laba abayisithupha bahlonzwa njengasebeshonile khona endaweni yesigameko,” kusho uNetshiunda esitatimendeni, eqhuba ethi, ukubulala lokhu kwakuhambelana nokuziphindiselela (revenge).
Uthe esitatimendeni, izisulu kwakungabantu abakhuluma ulimu lwesXhoza kanti kwakusolakala ukuthi izisulu zazilwe nabokufika abangamaSwazi khona kulemijondlolo yakwa V/6 eMlazi.
“UMelusi Dlamini oneminyaka engamashumi amabili nesishiyagalombili uboshwe eKugersdorp, eGoli, mhlaka 4 Julayi 2025, wabe esethweswa icala lokubulala abantu abayisithupha, ukutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.
UDlamini uvelile eNkantolo kaMantshi waseMlazi izolo 7 Julayi 2025 kwathi icala lakhe lahlehliselwa umhlaka 14 Agasti 2024.
Uphethe ngokuthi uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.