UNDUNANKULU wesiFundazwe i-KwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube, unxuse iminyango kahulumeni ngokuhlukahlukana kwayo ukuba iphuthumise inqalasizinda emva kwezimvula ezinamandla. UNdunankulu ukusho lokhu ngoba ebona isimo esiphuthumayo sokuqala kwezivivinyo ngoba sekusele izinsuku ezinhlanu kubhalwe. UNdunankulu uthe akuphuthunyiswe ukwakhiwa kwezindlu, izikole imigwaqo anye nezintambo zikagesi ezakhahlamezeka ngenxa yezimvula ezinamandla ezihambisana neziphepho. Iziphepho nemvula ezinamandla zishiye abaningi dengwane! Izolo ngoMsombuluko uNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Dube-Ncube uhlanganyele kanye noMnyango wezokuBusa neziNdaba zoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-MoloiUngqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uMnu Sipho KK Nkosi., Kanye noMeya wesiFunda ukhansela Siphile Mdaka, bonke beyobheka umonakalo odalekile ngenkathi kukhahlamezeka lezindawo, ezakhele uMtubatuba, kwi-Inksosi Mtubatuba Local Municipality. ” Izikole eziningi Kanye nemizi kucekeleke phgansi Kanye namapali kagezi kwashiyeka nemindeni eminingi ingenamakhaya, kanti nemiphakathi eminingi isale ebumnyameni. Undunankulu uthe isabelo mali sesiFundazwe ngeke sikhone ukulungisa lomonakalo. Uqhube wathi ucela amakilasi kuqalwe ngawo ukulungiswa noma ukwakhiwa kabush, noma kulethwe amakilasi esikhashana ukuze izivivinyo zokuphela konyaka ziqhubeke ngaphambi kwezihibe. “ Ngifisa ukuthi abafundi abazobhalela umatikuletsheni bangaphazamiseki,” esho. Uthe ngibuhlungu kakhulu ngesahlakalo semindeni elahlekelwe ngabathandiweyo babo, kanti futhi sinezinhlelo zokubasiza labo abakhahlamezekile Uqhube wathi isibalo sabandlule emhlabeni sikhulile njengoba kubikwe ukuthi kukhona olelelselwe Inkosi noma oshone ngenxa yokushaywa ngumbani kumasipala wase. Mpofana, esiFundeni Umgungundlovu. Uthe e-mtubatuba kundlule emhlabeni abahlanu lapho kukhona nengane encane eneminyaka enonyaka owodwa, ngokuwelwa ngophahla. Uqhube wathi uhulumeni ubhizi nokulungisa ngoba uzoyilekelela yonke imindeni ngokubancwabela , nokuthi ifihle amathambo ayo ngesizotha, ngoba abavelelwe inhlekelele abaningi baveze ukuthi abanawo Amandla okufihla imindeni yabo ngesizotha. Uqhube wathi umnyango usecele abaluleka ngokwenqondo ukuthi nabo bangenelele kulesimo salemindeni. “ Ngokocwaningo esilwenzile imizi ekhazamekile ingu-600, esiFundazweni, emva kokuba uNdunankulu Dube-Ncube, evakashele lezindawo ezikhahlamezekile. Kuvelile ngenkathi uNdunankule ehambele lezindawo ukuthi zingu-134 , izindlu ezikhahlamezekile kwa-Somkhele kanyena- KwaMyeki,e-Umtubatuba Local Municipality. Kanti ezinye zicekeleke phansi kangangoba akukho ngisho udonga. “ Abanye balahlekelwe imfuyo ngenkathi kugasela lezimvula ezinamandla kanye nezikhukhula Uqhube wathi ubonga kakhulu abe-South African National Defence Force, ngokungenelela ekukhucululeni umonakalo. Uphinde wancoma i-South African Red Cross , ngokuhlala ilekelela ezikhathini ezinzima. “ UMnyango wezokuHlaliswa kwabantu uzoqinisekisa ukuthi uyaphuthuma ngezinhlelo zawo zokwakhela abantu izindawo zokuhlala isikhashana. Yonke lemikhandlu okubalwa kuyothe Umtubatuba Local Municipality, Umkhanyakude District, e Harry Gwala District Kanye ne-Greater Kokstad Municipality , lapho bekhahlamezekile nako Pakkies.m lapho kulimele khona izindlu ezintathu., kodwa akubikwanga zigameko zokundlula emhlabeni kwabantu. Kumasipala Umzimkhulu kukhahlamezeke izindlu ezingu-4, endawni yasesi Madakeni. KuMasipala wesiFunda Umgungundlovu kukhahlamezeke imizi engu-23, endaeni Rosetta , engaphansi kwe Mpofana Local Municipality. Kanti Ondini kulkhahlamezeke ibloko yamafulethe kodwa akulimalanga muntu., kwathi o-Uthukela kwahlasela zona lezimvula. UNdunankulu ube esendlulisa amazwi enduduzo kubo bonke abalahlekelwe yizihlobo zabo.