YIMFUYO eshaqwe kuboshwa umsolwa
KUBOSHWE umsolwa oboshwe emgwaqeni u-R33 Dundee/ Helpmekaar , ngaphansi kwaseDundee, emva kokutholakala nemfuyo yokwebiwa. Kuvelile ukuthi amaphoyisa oPhiko lwe-Dundee SAPS Rural Safety , abenze izivimba mgwaqo ngenkathi emisa iveli ebelidonsa inqola , elayishe izinkomo okuthe uma ebizwa ukuthi uzisaphi wahluleka ukuchazela amaphoyisa ukuthi zisukaphi ziyaphi. Okhulumela asebalulwe ngenhla , uConst Siyabonga Nkwanyana, uthe emva kokuvimba lemoto abe esebiza ozokwabo beDundee Crime Prevention, neGlencoe Stock Theft Unit kanye ne-Endagered Species Unit. “Kulemoto bekukhona umshayeli kuphela,” esho. Uthe kuboshwe umsolwa kwashaqwa izinkomo eziwu-5, emva kokuba evezele amaphoyisa incwadi yokulayisha izinkomo engagcwalisiwe ngokuphelele kanye nokungasiyo indlela okugcwaliswa ngayo uma ulayisha izinkomo. ” Ngenkathi eboshwa eyodwa yalezinkomo ibingabekisiwe noma ibingashaywanga uphawu longumnikazi (no brand mark), kanti lezi eziwu-4, umaka wazo ubuphazanyisiwe , ungabonakali ukuthi ngokobani,” kusho uConst Nkwanyana. Lomsolwa ube esegcinwa ezitokisini zasesiteshini samaphoyisa aseDundee lapho kulindeleke ukuba ayovela enkantolo yakhona eDundee ebhekene necala lokutholakala nemfuyo yokwebiwa kanye nokuphazamisa uphawu lwezinkomo.