IMFUYO eshaqwe kuboshwa umsolwa.Isithombe. SITHUNYELWE
AMAPHOYISA ezinhlaka ezahlukene abophe umsolwa oneminyaka engu-41, kwashaqwa nemfuyo eyebiwe eSibongile, eDundee, ngoMsombuluko.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa abehamba esebenzisa ezobunhloli emva kokuba kuvulwe icala lokwebiwa kwemfuyo eDundee.
Okhulumela amaphoyisa esifundeni saseMzinyathi ,uConstable Siyabonga Nkwanyana, uthe kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-41 eboshwa ngabezinhlaka ezahlukene zomthetho okubalwa kuzo i-Glencoe Stock Theft and Endagered Species Unit (STES), i-Dundee Rural Safety neDistric Commmunication.
Amaphoyisa alunywe indlebe ngokuthi imfuyo ebekubikwe ukuthi ilahlekile igcinwe emzini thizeni eSibongile,eDundee.
Uphethe ngokuthi umsolwa uzovela maduzane eNkantolo kaMantshi yaseDundee ebhekene nokutholakala nemfuyo yokwebiwa.