YIMFUYO eshaqwe kuboshwa umsolwa.Isithombe.SAPS
KUBOSHWE umsolwa kwashaqwa izimbuzi ebezebiwe ezingu-10 , Osizweni, eNewcastle, ngoLwesithathu.
Kubikwa ukuthi bekuvulwe icala lokwebiwa kwemfuyo esiteshini samaphoyisa ase Utrecht.
Okhulumela amaphoyisa ase Newcastle uLizzy Arumugam uthe esitatimendeni ,kuboshwe umsolwa kwashaqwa izimbuzi ezingu-10 okukholakala ukuthi zebiwe.
Uthe esitatimendeni lomsolwa uboshwe ngamaphoyisa ophiko olulwisana nokuntshontshwa kwemfuyo (Anti-Stock Theft Task Team), kwashaqwa izimbuzi ezingu-10 zokwebiwa ezingabiza imali engu-R30 000 , uma zidayiswa.
Uthe esitatimendeni amaphoyisa abe esezithatha lezi zimbuzi ayozibeka lapho kugcinwa khona imfuyo (pound), ukuze zizondluliselwa kubanikazi.
Uphethe ngokuthi uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka futhi umsolwa uzovela eNkantolo kaMantshi maduzane ebhekene necala lokutholakala nemfuyo yokwebiwa.