ZIBHAMU ezishaqwe kuboshwa umsolwa. Izithombe. ZITHUNYELWE
KUBOSHWE umsolwa oneminyaka engamashumi amane nesishiyagalolunye, kwashaqwa nezibhamu ezimbili eziyimjojantaba AK47, kanye nesohlobo lwe Pistol e-Adams Mission, KwaMakhutha, ngoLwesibili ebusuku (izolo).
Kuvelile ukuthi lo msolwa uboshwe ngamaphoyisa oPhiko lwe Economic Infrastructure Task Team (EITT), ngenkathi abelandela ezobunhloli.
Okhulumela amaphoyisa esiFundazweni saKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda uthe esitatimendeni, kuboshwe umsolwa oneminyaka engamashumi amane e-Adams Mission,KwaMakhutha, emva kokuba etholakale nezibhamu ezintathu okubalwa kuzo ama AK47 amabili kanye nesincane sohlobo lwe Pistol.
Uthe esitatimendeni , amaphoyisa kanye ne eThekwini Metro Investigators , abelandela ezobunhloli , mayelana nendoda ebisolakala ukuthi inezibhamu.
“ Amaphoyisa abe eselandela ezobunhloli, okuthe uma egasela emzini walendoda esesha athola isibhamu sohlobo lwe Pistol,” esho, eqhuba ethi, okuthe uma eqhubeka esesha athola ama AK47 amabili kanye nezinhlamvu ezahlukahlukene zohlobo lwama calibre firearms.
Uqhube wathi esitatimendeni, zonke lezi zibhamu ezishaqwe kumsolwa zizohamba ziyohlolwa ukuthi azikaze zimbandakanyeke ezenzweni zobugebengu esifundazweni kanye nakuzwelonke.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni umsolwa uzovela enkantolo maduzane ebhekene necala lokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.

