ZIMOTO ezishaqwe kuboshwa umsolwa.Isithombe.SITHUNYELWE
KUBOSHWE umsolwa oyedwa kwashaqwa izimoto ezimbili okukholakala ukuthi ziyambandakanyeke esenzweni zokubulala kanye nokubanjwa kwenkunzi kuhlonyiwe eMoroko, eGauteng, ekuqaleni kwayo le nyanga uJuni 2025.
Kubikwa ukuthi umsolwa oneminyaka engamashumi amane nanye (41), uboshwe ngamaphoyisa oPhiko lwePietermaritzburg Flying Squad ehambisana nawase Greytowm kanye nenkampani yonogada.
Okhulumela amaphoyisa kusiFunda uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe esitatimendeni , kuboshwe umsolwa oneminyaka engamashumi amane nanye kwashwaqwa izimoto ezimbili okukholakala ukuthi ziyambanfakanyeka esigamekweni sokubulala kanye nesokubamba inkunzi kuhlonyiwe.
Uthe esitatimendeni lo msolwa uboshwe ngamaphoyisa oPhiko lwe Pietermaritzburg Flying Squad, awase Greytown kanye nenkampani yonogada.
“ Amaphoyisa ezobunhloli alunywe indlebe ngoLwesihlanu mhlaka 13 Juni 2025, ukuthi kunezimoto ezimbili ezisolisayo ezizulazula edolobheni lase Greytown,” kusho uNkwanyana, eqhuba ethi, laba ababike ngalezimoto bebesola ukuthi abanikazi bazo bahlela ukubamba inkunzi kuhlonyiwe.
Uthe izimoto lezi zombili zibe sezibizwa emoyeni (circulated), kwavela ukuthi eyodwa yazo iyathinteka ezigamekweni zokubulala eMoroko.
Uqhube wathi amaphoyisa abe eseqala enza uhlelo lokuzibheka ukuthi ngabe zikuphi ( trace the vehicles), kwatholakala ukuthi eyokuqala ibihamba emgwaqeni u-R74, abe eseyilandela afike ayimisa abopha umsolwa oyedwa.
“Eyesibili imoto nayo ibe isibhekwa ukuthi ingabe ihamba kuphi, kwatholakala ukuthi ihamba umnikazi wayo esegameni lakhe e-Greytown,” esho esitatimendeni.
Uthe esitatimendeni , uphenyo olunzulu luveze ukuthi lena yesibili yabe ihamba indodana yomnikazi wemoto ohlala eGoli , kanti le ndodana ingumsolwa ecaleni lokubulala eMoroko.
Uqhube wathi esitatimendeni , zombili lezi zimoto ziboshiwe futhi zigcinwe esiteshini samaphoyisa sase Greytown.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni , umsolwa lona uzovela eNkantolo kaMantshi wase Greytown maduzane ebhekene necala lokubulala kanye nelokubamba inkunzi kuhlonyiwe.