WENDLULISE amazwi enduduzo uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNomusa Dube -Ncube, kwimindeni , abangani nezihlobo zizisulu zezikhukhula ezikhazameze indawo yaseLadysmith kanye neyaseMandeni. Uqhube wathi okwamanye bayisikhombisa abandlulile emhlabeni ngenxa yezikhukhula ezihlasele ngenkathi abantu bezilungiselela amaholide kaKhisimuzi. Laba abashonile osebeni lomfula eLadysmith bayisthupha bese kuba ingane eneminyaka engu-8 etholakale isishonile eMandeni, ngoLwesibili.” UNgqongqoshe wezokuBusa nokuBambisana neZomdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, uthe uSithole-Moloi, ukhona endaweni yesigameko uzobona umonakalo,” kusho uNdunankulu Dube-Ncube. “ NgoLwesithathu emva kokuba ezohlola umonakalo uNgqongqoshe Sithole-Moloi, uhulumeni uzobalekela laba abandlulelwe zihlobo nabangani. Uqhube wathi sihlanganile nemindeni elahlekelwe zihlobo zayo, safika sayitshela ukuthi soyisiza ngakho konke, kulesikhathi esinzima ababhekene naso, njengohulumeni . “Sesingeze ithimba labatshuzi eliqikelela ukuthi izisulu ezingakatholakali ziyatholakala ukuze imindeni izifihle ngesizotha. Uthe lelithimba eliholwa i-SAPS K9 Unit,i-IPSS Medical Rescue kanye ne Al-Imdaad Foundation for Disaster Response, baqinise amathimba nomfutho abasebenza ngawo ukuthungatha laba abasadukile. Uqhube wathi inani labangakatholakali kumanje libalelwa kweyishumi nanye (11). Uthe omunye kwabamukile yena wayethi uhlenga omunye, naye wamuka. UNgqongqoshe Sithole-Moloi, useke wavakashela umuzi wakwaMsimango eRoosboom, ongamakhilomitha ambalwa ukusuka eLadysmith. Kuphinde kwavela ukuthi lomndeni ulahlekelwe amalunga ayisikhombisa kanti abathathu sebetholakele kanti abane bawo lomndeni , basalahlekile okwenza isibalo sibe yishumi nanye (11).” Imindeni inikezelwe izingubo zokulala, omatrasi nokunye okuyizinsiza,” esho, eqhuba ethi kuhlanganiswe iminyango yezokuHlaliswa kwabantu, osoNhlalakahle kanye neminyango eqhamuka kuZwelonke.
Uqhube wathi yonke lemindeni elinyalelwa amalunga omndeni ukuba iqine. Uthe yonke imindeni elahlekelwe amalunga emindeni azothola ukukhanselwa. Uthe ngifisa ukuqinisekisa imindeni ukuthi sizama ngawo wonke Amandla ukuthi siyabathola bonke laba abasadukile. “ Siyasebenzisana kakhulu nomasipala bonke ukuthi siyasebenzisana,” kusho yena.
Uthe okwethu ukuqinisekise ukuthi kutholakala wonke umuntu osadukile. Uphethe ngokuthi noMnyango wezaSekhaya nawo kanye neminye beceliwe ukuba balekele, kulesikhathi esinzima.