IQEMBU Inkatha Freedom Party (IFP), izinqobe zonke izinketho zokuchibiyela ebezikhona KwaZulu-Natala. Kuvelile ukuthi bekukhona ukhetho lokuchibiyela Osizweni, eNewcastle, eNyakatho neKwaZulu-Natal, kanye nase Wadi 2 oPongola , lapho i-IFP idle khona umhlanganiso. Kuphinde kwavela ukuthi i-IFP inqobe eWadi 2 of Phongolo Municipality kanye nase Wadi, Osizweni, eNewcastle.
Ngokusho kukaSihlalo ophinde abe ngozongenelela umjaho wesikhundla sikaNdunankulu esiFundazweni uMnu Thami Ntuli, eWadi oPongolo i-IFP ithole amavoti angu-890 ,MK’s 687,ANC 595, kwathi i-EFF yathola angu-52 , kuphela. Uqhube wathi i-IFP ikhombise ukukhula kakhulu endaweni yasOsizweni , eNewcastle , ngoba khona ithole amavoti angu-1,298, ANC 388 , TSSA 383 kwathi i-EFF yathola 164.
Uthe lokhu kukhombisa ukuthi abantu basayithanda i-IFP futhi bayathembela kuyo kakhulu. Uthe kuphinde kwavela ukuthi leli qembu liyesekwa futhi lisathandwa kakhulu kelesiFunda.
“ Siyiqembu sibonga kakhulu kumavolontiya ethu, amalunga , abaholi kanye nabo bonke abaphume ngobuningi bayovotela iqembu kulolukhetho lokuchibiyela,” esho, esitatimendeni. Uthe ngokukhethelekile babonga kakhulu uMeya waseNewcastle uKhansela Xolani Dube kanye nebamba Meya wasoPongola uMnu Thwala, ngokuzinikela kwabo kanye nokubamba iqhaza elikhulu ekutheni bayaziwina lezinketho zokuchibiyela.
Uthe iqembu alimkhohliwe umsungulu nobengumholi weqembu uMntwana kaPhindangene uMangosuthu Buthelezi, ngegalelo lakhe nageziyalo zakhe eqenjini nasesizweni. Uthe ubafundise lukhulu okubalwa kuko ubuntu, inhlonipho kanye nokuzinikela emisebenzini yeqembu kanye nasekusebenzeleni abantu uqobo. Uqhube wathi amakhansela akhethiwe kumele azimisele futhi akuqinisekise ukuthi ayosebenzela umphakathi owakhethile hhayi iqembu.