UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, usejuba amathimba ezinhlekelele ukuba ama ngomumo komasipala. Lokhu kulandelwa isimemezelo sokuthi kuzohlasela izimvula ezinamandla esiFundazweni saKwaZulu-Natal, ezizobe ziphelekezelwe ukuduma kwezulu. Kuvelile ukuthi lezimvula zikusigaba sesibili (Level 2), kanti futhi kulindeleke ukuthi uma zihlasela zicekele phansi impahla, izindlu, inqalasizinda, izimoto kanye nemfuyo imbala. Izangoma zezulu phecelezi South African Weather Services iqagule ukuthi lezimvula ezinamandla zobe zihamba nezikhukhula, imimoya emikhulu, umbani kanye nesigqotho. Kuphinde kwavela ukuthi nemigwaqo ingacekeleka phansi , kuhambe nogesi ngenxa yombani nokuduma kwezulu. UMfu Buthelezi esitatimendeni unxuse abantu ukuba baqaphele uma belibona izulu lihloma, kuthi laba abahlala ezindaweni eziphansi futhi ezisondelene nemifula , basheshe bakhuphukele ezindaweni eziphakeme. “ Ngiyaninxusa ukuba ningazami ukuwela imifula kanye namabhuloho kulesikhathi kuhlasela lezimvula eziqaguliwe , futhi ningawaweli amabhuloho aphansi ngoba amanzi azobe ehamba nezikhukhula futhi ningawaweli lamabhuloho ngoba nizothi nithi niyawela nithole ukuthi kwanalo seligugulekile ngenxa yezikhukhula,” kuqhuba uMfu Buthelezi. Uthe ukuphepha kwenu mphakathi ikona okubalulekile kakhulu, hlalani ezindlini uma kungekho okuphuthumayo okudinga ukuba nihambe. “ Valani amafasitela ezindlini, ezimotweni, niphinde niqinisekise ukuthi izilwane zisezindlini futhi nezimoto zivalelwe emagalaji ukuze kugwenye ukuthi zingalinyazwa isichotho,” esho. Uqhube wathi nemfuyo kumele ibekwe endaweni ephephile , ukuze kuvikelwe ukuthi ingalimali nayo. Uthe nomnyango uzobe usiqaphe ngolokhozi isimo. Uthe nomphakathi uzolibe waziswa ngokushintsha kwesimo sezulu. Uphethe ngokuthi umphakathi awuqinisekise ukuthi uhlala uphephile futhi usiqaphe isimo sezulu uma siguquka.