ZIMPAHLA ezishaqwe kuboshwa umsolwa
KUBOSHWE umsolwa oneminyaka engu-26, e-Eastborne Farm, eNewcastle, ngemva kokutholakala namathuluzi okwakha ebiwe.
Kubikwa ukuthi amaphoyisa asoSizweni, ophiko lwe-Crime Prevention nawe-Amajuba District Task Team, abehambele kule ndawo yase-Eastbourne Farm eqhuba umkhankaso wawo wokulwisana nokushushumbiswa kwezidakamizwa nokuthungatha osolwa ngecala lokubulala, ngenkathi ebopha lo msolwa, ngoLwesibili.
Okhulumela amaphoyisa aseNewcastle,uLizzy Arumugam, uthe ngenkathi amaphoyisa esahamba kule ndawo alunywe indlebe ngokuthi umsolwa osolwa ngecala lokubulala usemzini thizeni, nokuthe ngenkathi egasela kulo muzi afica umlisa thizeni – okungeyena lo obefunwa ngecala lokubulala – namathuluzi okwakha.
Ngenkathi ebuzwa lo mlisa ngala mathuluzi okwakha atholakale nawo, wehlulekile ukuchaza ukuthi uwathengephi, zabe sezimkhalela.
“Ngenkathi amaphoyisa egasela kulomuzi efuna osolwa ngokubulala engamtholi, ethola omunye wesilisa obekule ndlu, abe esesesha endlini athola amathuluzio okwakha (abebukeka emasha ?), okuthe uma ebuzwa lo msolwa ukuthi ukuthi uwathathephi wahluleka ukuchaza wabe eseboshwa khona lapho,” kusho uLizzy Arumugam.
Eqhuba u-Arumugan uthe emathuluzini okwakha ebiwe atholakale kulo msolwa, kubalwa kuwo ishizolo elimnyama, amaplayaza (pliers ? kungcono sithi izindlawu) amabili, i-screw driver, ibulashi lokupenda, iflotha nesikrebha. Esewonke la mathuluzi atholakele angabiza inani elingu-R3 000.
Umsolwa uzovela maduze eNkantolo kaMantshi yaseMadadeni, eNewcastle, ebhekene necala lokutholakala nempahla yokwebiwa.