KWENZEKE okungajwayekile , nokungakaze kubonwe ngisho nakwaMadala eJudeni, ngenkathi kudutshulwa kubulawa ababili emangcwabeni kwalimala oyedwa kanzima. Kuvelile kwisitatimende esithunyelwe ngamaphoyisa ukuthi kudubuleka abantu abathathu, kwashona oyedwa kwathi ababili balimala kanzima ngenkathi bekuhlonishwa obengcwatshwa ngokuthi kuqhunyiswe izibhamu. Amaphoyisa athe esitatimendeni kudubuleka kwashona umgilwa oneminyaka engu-55, obulawe ngamanxeba okudutshulwa khona emangcwabeni ase Waaihoek, Ezakheni, ngelendlule. Siqhuba sithi amaphoyisa abebhizi ehamba hamba ethungatha abaphuli mthetho alunywe indlebe ukuthi umsolwa ungakuphi ase egasela lapho, endlini abekuyo afike ambopha. “ Ngenkathi eboshwa umsolwa oneminyaka engu-55, utholakale nesibhamu esisemthethweni sohlobo lwepistol sashaqwa naso,” kusho isitatimende esithunyelwe ngamaphoyisa. Siqhuba sithi kuphinde kwatholakala esinye isibhamu ebesilahliwe naso okungesohlobo lwepistol , naso amaphoyisa asithathile ukuze siyohlonzwa ukuthi asisetshensiswanga yini endaweni yesigameko. Umsolwa uzovela eNkantolo kaMantshi waEzakheni ebhekene namacala amabili akubulala kanye nelokuzama ukubulala. Amaphoyisa athe zombili lezibhamu zizohamba ziyihlolwa ukuthi azisetshenziswanga yini ekubulaweni kwalabagilwa ababili. Athe isidumbu somunye obulewe asikahlonzwa ukuthi ngesikabani kanti uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.