BASALE enkundleni abasolwa abangu-10 ngenkathi bedubulana namaphoyisa ezigamekweni ezintathu ezahlukene.
Kukholakala ukuthi abangu-8 basale enkundleni e-Richards Bay, ngoLwesine ebusuku ngenkathi bedubulana namaphoyisa ebusuku, beyobamba inkunzi kuhlonyiwe.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe esigamekweni sangoLwesine ebusuku amaphoyisa alunywe indlebe ngamalunga omphakathi ukuthi kunabasolwa abahlela ukuyobamba inkunzi esinye sezitolo zabokufika esesiseKhawini.
“Laba basolwa kukholakala ukuthi bebesendleleni elibangise Esikhawini lapho bebehlele ukuyobamba khona ukuyogqekeza babambe inkunzi kuhlonyiwe. Ngenkathi amaphoyisa ebona le moto abebe tshelwe ngayo azamile ukuyimisa kodwa umshayeli wangama kunalokho ube esefaka amafutha babaleka okuthe uma bebona ukuthi amaphoyisa ayasondela babe sebevulela ngenhlamvu bebhekise kuwo,” kusho uColonel Netshiunda esitatimendeni, eqhuba ethi ngenkathi namaphoyisa ephendula ngayo inhlamvu basale enkundleni abasolwa abangu-8 abebehlelo ukuyobamba inkuzi.
Uthi laba basolwa bebehamba emgwaqeni owuthela wayeka i-John Ross Highway bude buduze ne Richards Bay ngenkathi bezama ukubamisa kodwa bangayilalela imiyalelo yamphoyisa, babaleka uma bemiswa, amaphoyisa abe esebajaha okuthe uma bebona ukuthi asebashoda eduze baqala ukudubula bebhekise kuwo.
Uqhube wathi esitatimendeni laba basolwa bayathinteka ekubanjweni kwenkunzi imoto yemali endaweni yase Mzingazi, kanti ngenkathi sebefile batholakale nezibhamu ezintathu ezingadalulwanga uhlobo, ezimbili zohlobo lwama replica kanye namathuluzi okugqekeza imizi.
“ Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka ekuzameni ukuthola ukuthi le zibhamu azikaze zisetshenziswe ezenzweni zobugebengu.
“ Kwesinye isigameko esenzeke ngoLwesithathu amaphoyisa adubule abulala umsolwa kwa F eMlaza ngenkathi kunokudubulana,” esho, eqhuba ethi , amaphoyisa abeyofuna osolwa ngamacala amaningi okubalwa kuwo awokubulala kanye nelokubamba inkunzi imoto yemali ,ngenkathi elunywa indlebe ngamalunga omphakathi ngokuthi angamtholaphi umsolwa,” kusho uColonel Netshiunda esitatimendeni asuthumelele abezindaba, eqhuba ethi ngenkathi egasela kulendawo lapho kwakukhona abasolwa ababili , bathe uma bebona amaphoyisa bavela bavulela ngenhlamvu bebhekisa kuwo nawo aphendula ngayo kwasala enkundleni oyedwa umsolwa , owesibili wakhona ukubaleka.
Uqhube wathi esitatimendeni ngoLwesine amaphoyisa belandela umkhondo wemoto eyabe idunwe ePhoenix ,okuthe uma ebona leyomoto enabasolwa abathathu , oyedwa wabo wadilika wabaleka edubula ebhekise emaphoyiseni , aphendula nawo ngenhlamvu wabe esesala enkundleni kwa F KwaMashu,ababili babe sebeboshwa.
Uphethe ngokuthi abasolwa babili bazovela maduzane enkantolo.