KWESOBUNXELE uKhomishana wasoThukela uMajor-General Thulani Gonya kanye noColonel Thokozani Sithole. Kwesinye ingenkathi amaphoyisa eviliyela.Izithombe.ZITHUNYELWE
KUBUNGAZWE amaphoyisa asesebenze iminyaka emningi embuthweni emcimbini obubanjelwe ezinkundleni zemidlalo i-Dundee Oval Stadium, e-Dundee, ngaphansi kwesiFunda uMzinyathi ngelendlule.
Laba abebehlonishwa ngasebesebenzele lo mbutho wamaphoyisa ngokukhulu ukwethembeka nokuzinikela iminyaka esukela kweyishumi kuya kwengamashumi amathathu.
Lo mcimbi ubuhanjelwe izikhulu eziningi okubalwa kuzo uMeya kaMasipala uMzinyathi uKhansela Thembi Mchunu , uSekela wakhe uKhansela Nothile Zungu, uKhomishana wesiFunda uThukela uMajor-General Thulani Gonya ,uMqondisi wesiFunda sezamajele eDundee uNksz Nthabiseng Moloi kanye nezinye izicubuthwane.
Okhulumela amaphoyisa esiFunda uMzinyathi uConstable Siyabonga Nkwanyana uthe kubungazwe amaphoyisa asesebenzele lo mbutho iminyaka esukela kwelishumi, amashumi amabili kanye namashumi amathathu obubanjelwe enkundleni yezemidlalo i-Dundee Oval Stadium.
Uqhube wathi esitatimendeni kubalulekile ukuthi iminyango eyahlukahlukene isebenze ngokubambisana.
Kulomcimbi kuvele ukuthi kuphinde kwabongwa kakhulu uKhomishana esiFundeni uMzinyathi uMajor-General Francis Slambert ngokuqinisekisa ukuthi izakhamizi zakulendawo zihlala ziphephile futhi zivikelekile.
“USlambert ubonge kakhulu ithimba ebelihlela lomcimbi (Local Organising Committee (LOC), ngokuzinikela kwalo nagokuqinisekisa ukuthi lo mcimbi uba yimpumelelo,” kusho uSlambert esitatimendeni, waphinde wabonga bonke abaxhasi.
Uthe esitatimendeni uSlambert, ngiyabonga kakhulu kinina nonke enihlomule ngezindondo futhi sibonga kakhulu ngokusebenza ngokukhulu ukuzinikela kuyo yonke le minyaka nisembuthweni.
Ube esebonga nokubakhona kweMeya yesiFunda uKhansela Mchunu , wathi kuyajabulisa ukubona abaholi bomphakathi beba yingxenye yemicimbi efana nalena.
Uphethe ngokuthi esitatimendeni, ngizibophezele ekutheni izakhamizi ziyaphepha , sibambisene nezinye izinhlaka ezilwisana nobugebengu emphakathini.
