YIWO lo mgwaqo u-D502 umphakathi waseChelmsford okhala ngawo Izithombe: SITHUNYELWE
ZIKHALA ngokuba magebhugebhu komgwaqo u-D502, eChelmsford, eNewcastle izakhamizi ezisebenzisa lo mgwaqo odlula ngasesikhungweni sokhuhlunyeleliswa kwezimilo, i-Ekuseni Correctional Centre, nsuku zonke uma ziya emsebenzini.
Lo mgwaqo uphinde udlule ngasesikoleni i-Gijimani Primary, esibude buduze neNtshingwayo Dam, okuyidamu phambilini elalaziwa nge-Chelmsford Dam.
“Kugcono lo mgwaqo bavele bawuhwaye ube ngubhuqu, kungaba ngcono ngoba bayawuphesha kodwa uphinde uguguleke njengoba umagebhugebhu sikhuluma nje,” kusho omunye wothisha osebenzisa lo mgwaqo nsukuzonke uma eyofundisa kwesinye sezikole Ukukhanyakwezwe Special School ongathandanga ukudalulwa.
“Uma inile imvula futhi ungagcina uthola ingozi ngoba izigodi ezikulo mgwaqo zisuke sezivalwe ngamanzi. Inkinga yeminyaka le esibhekene nayo futhi silinyalelwa yizimoto zethu. Ngenxa yesimo salo mgwaqo ezinye izimoto kuyaphoqeleka ukuthi zime zidedele ezinye zidlule ukugwema ukulinyazwa yile migodi esingeke sisayibiza ngama-pot hole ngoba sekuyimigodi. Siyahlupheka thina esisebenzisa lo mgwaqo futhi sineminyaka saqala ukuwusebenzisa.
Laba abasuke benikwe umsebenzi wokuba bawupheshe bayahluleka ngoba uvele ubuyele ekubeni magebhugebhu futhi kungakapheli ngisho inyanga eyodwa upheshiwe, okuyingakho sesifisa usale sewenziwa ube ubhuqu okungcono,” kuqhuba lo thisha, ophethe ngokuthi abasazi ukuthi kumele babike kubani uma bedinga ukulungiselwa lo mgwaqo obalimazela izimoto zabo.
Uthintiwe uMasipala waseNewcastle kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakaphenduli.