KUKLONYELISWE abafundi ngezitifiketi bakamatikuletsheni abenze kahle ezifundweni zabo zaphakathi nonyaka. Lokhu kwenzeke esikoleni samabanga aphezulu Emfundweni High, eDannhauser, eNyakatho neKwaZulu-Natal. Kuvelile ukuthi inhloso yokuklonyeliswa kwalabafundi ukubagqugquzela ukuthi benze kahle ezivivinyweni zabo zokuphela konyaka ukuze futhi baphase ngamalengiso. Kuphinde kwavela ukuthi iningi lalaba fundi abaklonyelisiwe bavela ezindaweni zasemakhaya futhi iningi labo abazali babo abathathi entweni. “ Sifisa ukuba sibagqugquzele ukuthi benze kahle ezifundweni zabo ,” kusho uthishanhloko esitatimendeni uMnu Stuart. Lokuklonyeliswa kwabafundi bekuhanjelwe ngabafundi , abazali , isigungu esibhekelele ukuphathwa kwesikole (School Governing Body), phecelezi SGB, kanye nabefundisi abebendlulisa izwi leNkosi. Uqhube wathi ngaphandle kokuklonyeliswa kwabafundi ngezitifiketi kuphinde kwaba nenkonzo enkulu yokukhulekela bona abantwana ukuba benze kahle kuzivivinyo zabo zikamatikuletsheni zokuphela konyaka. Abafundi bakhulekelwe ngMfu Dkt Dumsani Ndlovu kanye noNkk Thabethe. Bakubalulile ukuthi ezenkolo zibalulekile kakhulu ezimpilweni zabantwana nakubazali ukuze banxuselwe kumdali ukuba benze kahle ezifundweni zabo. “ Kuzokhumbuleka ukuthi lesiFunda Amajuba sabekelwa ukuba siohase ngamaphesenti awu-100 ekupheleni konyaka yingakho naso lesikole esesibalulwe ngenhla senza ngawo onke amandla ukuthi siyabakhuthaza abafundi ukuba baqinise ezifundweni zabo. Bafise abafundi ukuba bakhuphule izinga lokuphasa abalithola ngonyaka ophelile 2023. Abafundi abaqwaqwade emakhanda kube ngu- Gobahle Sithole, Samukelisiwe Lamula kanye no Asipha Nk