UMNYANGO weZemfundo KwaZulu-Natal, uxwayisa izimenenja, abaqondisi beziFunda kanye nothishanhloko ngezimvula ezinamandla. Lomnyango osubalulwe ngenhla uthe bona bayakuqinisekisa ukuthi izikole zomphakathi bazilawula ngendlela nokuthi abafundi bathola izinsiza kufunda ezimayelana nezidingo zabo. Okhulumela loMnyango, uMnu Muzi mahlambi , uthe eminyakeni endlule isiFundazwe saKwaZulu-Natal, besibhekana nenselelo nezinqinamba ezinzima ngesimo zokuguquguquka wkesimo sezulu okubashiya dengwane noma behlaselwa izikhukhula, ngoba ezinye zezikole zakhe ezindaweni eziphansi. Uthe kodwa okwamanje abakaze bathole iimiko ethi ezinye zezikole ziyaphepheko noma ziyalimala ngenxa yesimo sezulu esihambisana neziphepho. “ Ngenyanga ka-April 2022, kwababonisa okuthil naokuthi banesipiliyona sokuhlaselwa yilezikhukhula ezidalwa izimvula ezinamandla, ezibeka encupheni izimpilo zamathishela kanye nabafundi,” esho, eqhuba, ethi ukoshakala komgwaqo ngenxa yezimfula kuvimbela ukuthi abafundi namathishela bangafinyeleli ezikoleni kanti nezimoto eziletha ukudla kwezingane ezikolweni zingakwazi ukufinyelele ngenxa yomgwaqo osuke umoshwe zimvula. Uthe ingakho bebone ukuthi lento abayikhulume neziphathi mandla ukuze, zixwayise abantwana. Ube esenxusa ukuthi othishomkhulu kumele baqikelele lokhu okulandelayo: Ukuthi bayaqinisekisa ukuthi bayaxhumana nabazali bezingane ukuze kugwemeke ukuphuma kwemiphefumulo okungenasidingo ngenxa yezikhukhulu. Uma bebona ukuthi asimo asivumi, baqinisekise ukuthi baluleka abazali ukuthi bazigcine emakhaya izingane. Uma izulu line abafundi besesesikole kumele othishanhloko ukuthi bayahamba bayohlola ukuthi izingane noma kungaweleka yini emifuleni kanye nasemabhulohweni. “Kumele baqikelela ukuth uma bebona ukuthi izikole ziphephukile noma emigwaqeni akuhambeki kumele basheshe bakubike lokho emnyangweni ukuze basheshe bakulungise lokho nesimo sibuyele kwesijwayekile. Kumele amathishela aqikelele ukuthi uma abafundi bebengekho ezikolweni ngenxa yalezimo esezibalulwe ngenhla, naqinisekise ukuthi labo bafundi abathintekayo bayalekelelwa ukuze bangasali ezifundweni zabo. Uthe umnyango ngeke ummelane nesimo sokuluza izimpilo zabafundi nge nxa yezikhukhula, umonakalo odaleke emabhulohweni kanye nasekuphephukeni kwamahhovisi kanye namakilasi. Unxuse ukuthi lencwadi eyisexwayiso mayelana nesimo sezimvula indlulele kuzozonke izikole kanye namahhovisi omnyango. Uphethe ngokuthi nabo laba abasebenza emahhovisi kumele baqikelelo ukuthi babheka kuqala ukuthi isimo sinjani ngaphambi kokuphuma emakhaya beya emsebenzini.