NGABAPHATHI boMasipala abenze kahle emikhakheni ehlukahlukene. Izithombe. Zithunyelwe
UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, uqgugquzele omasipala abangenza kahle emisebenzini yabo ukuba bakhuthale nabo benze kahle ngokuzayo, ezinhlelweni zabo zokuhambisa izidingo emiphakathini. Ukusho lokhu ngenkathi bekuklonyeliswa oMasipala besiFundazwe abenze kahle emikhakheni eyahlukahlukene. Usho lamazwi egqugquzela oMeya, iziMenenja kanye namakhosi ebethamele lokuklonyeliswa komasipala abenze kahle okwenziwa minyaka yonke. “ Uthe sikwenza lokhu ukuze sigqugquzele omasipala abangakasebenzi kahle ukuthi basebenze kahle futhi baqikelele ukuthi izidingo ziyafinyelela emiphakathini abasebenza ngaphansi kwayo,” kusho uNgqongqoshe, Sithole-Moloi. Uqgube wathi bekunemikhakha engu-17 kanye nezinhlelo ezahlukene , okubalwa kuzo owefinancial management, sustainable electricity projects, Expanded Public Works Programs, cleanliness township, and functional waste management, clean audit, and disaster response among the categories. Uthe bonke omasipala baklonyeliswe ngokwenza kahle kulemikhakha esibalulwe ngenhla.
Uphinde waklomelisa ubuholi bomdabu (Traditional Council in coordinating service delivery at the Traditional Administrative Centre), lapho ubuholo bomdabu bakwaMpungose Traditional Council, base Ulundi, buzidlele khona amahlanga ngokunqenqeza phambili kwimikhandlu eyenza kahle kubukhosi. Uthe uMasipala i-Ray Nkonyeni Local Municipality esesouth coast ngaphansi koMkhandlu Ugu District , iyona ebaqwaqwade emakhanda ngokwenza kahle emikhakheni ehlukahlukene, ekuhambiseni izidingo kubantu kanye nokubhajekta (service delivery and budget implementation plan (SDBIP) kwisabelomali sika-2021/2022. Uthye lomkhakha ububhekwe kakhulu futhi kubonakele ukuthi iwona othuthuke kakhulu ngokuhlela kanye nokuhambisa izidingo kubantu. Ethula inkulumo yakhe ungqongqoshe ukubeke kwacaca ukuthi inhloso yabo ukugqugquzela omasipala ukuba basebenze ngokukhulu ukuzikhandla ukuhambisa izidingo kubantu kanye nokuqikelela ukuthi izimali zomphakathi zisetshenziswa ngendlela. Ngenkathi eklomelisa omasipala abenze kahle ukubeka kwacaca ukuthi labomasipala abengenzanga kahle bazoqhubeka bababheke ngeso lokhozi, bangenelele uma kunesidingo njengomnyango.
“ Siyakwazi ukuthi akubona bonke omasipala abasebenza ngendlela okulindeleke ngayo kodwa abanye bayakhombisa ukuzimisela futhi bayazama ukulandela imigomo okumele bayilandele ukuze basebenze ngendlela elindelekile,” esho. Uthe ngalokho kubalulekile ukuthi sibahalalisele omasipala abenze kahle siphinde sigqugquzele laba abengenzanga kahle ukuthi nabo benze kahle ngokuzayo. Uthe amajaji abo abebhekisisa kahle futhi aphinde acophelele ukuthi imigomo yokusebenza komasipala iyalandelwa ngenkathi ehlonza omasipala abenze kahle. Uqhube wathi omasipala ngeke benze kahle kukho konke kodwa kukhona lapho nabo bengezukwenza kahle khona.
Uthe ngokwabo bazimisele ukuthi bonke omasipala abangu-54 , KwaZulu-Natal, benze kahle kuyo yonke imikhakha ekhona ekuhanjisweni izidingo emphakathini kanye nokusetshenziswa kwemali ngendlela. Uphethe ngokuthi lokhu kuhloswe ngakho ukuthi kushintshwe izimpilo zabantu. Uphethe ngokuthi siyazi ukuthi zikhona izinselelo omasipala ababhekane nazo kodwa kumele siqikelele ukuthi sisebenza ngokukhulu ukuzikhandla ekuphuculeni izimplo zabantu.
Ilena imikhakha obekuklonyeliswa kuyo kanti nomasipala abaklonyelisiwe yibo balaba abalandelayo:
Best performing Ward Committee: Ward 1 of Greater Kokstad Municipality
Best Managed Electricity Project by Municipality: Dr Nkosazane Dlamini Zuma Municipality
Most Efficient MIG Project: uMdloti Bridge: Ndwedwe Local Municipality
Best Special Development Framework: uMhlathuze Local Municipality
Best Land Use Management Public Awareness Programme: eThekwini Metro
Most Functional Community Service Centre with best 4IR implemented: Mnini SCS eThekwini Metro
Best Traditional Council in coordinating service delivery at the Traditional Administration Council – Mpungose Traditional Council in Ulundi.
Best developed Integrated Development Plan (IDP) – Ray Nkonyeni Local Municipality
Clean Audit Opinion in the 2021/2022 – Okhahlamba Local Municipality
Best sustained sound financial management – Umuziwabantu Local Municipality
Allocation and expenditure on maintenance and repair budget – Mkhambathini Local Municipality
Best Implemented Small Town Revitalization Programme: Mkhambathini Local Municipality
Best Functional District Development Agency: Enterprise Ilembe – Ilembe District Municipality
Best Performing Local Expanded Public Works Programme – Mandeni Local Municipality
Best Performing District Expanded Public Works Programme – Harry Gwala District Municipality
Best Performing Local Community Work Programme – Umhlabuyalingana Local Municipality
Cleanest Township and Best waste Management Outreach Programme – Ntuzuma Township under eThekwini Metro
Overall Winner Best Implemented Service Delivery and Budget Implementation Plan (SDBIP) – Ray Nkonyeni Local Municipality
MEC Sithole-Moloi also awarded Special Awards relating to floods disaster awareness and responses.
Efficiency Disaster Management Response – Umgungundlovu District, Ugu District, and Ilembe District Municipalities
Update and Awareness on Disasters Community Radio Station: Nqubeko FM Community Radio – Ladysmith