KWESOBUNXELE ngosomabhizinisi , Phakathi uMeya wasemadlangeni uMzwakhe Buthelezi, ibamba Meya yaseMajuba uThembelihle Mthembu bese kuba ngusekela Meya waseMadlangeni P.F Chonco. Kesingezansi umphakathi waseMadlangeni. Izithombe.LANGELIHLE CHAGWE
KULALELWE imibono yomphakathi ngenkathi bekuzokwethulwa uhlelo oluhlongozwayo lwentuthuko edidiyelwe, oluhambisana nesabelo mali eMzilikazi Sports Ground, eMadlangeni, e-Utrecht , ngoLwesihlanu (izolo).
UMenenja ka Masipala waseMadlangeni uNkk Grace Mavundla , ethula inhloso yomhlangano uthe:” Sizolalela umphakathi sizwe imibono yawo ngekudingayo siphinde sethule uhlelo oluhlongozwayo lwentuthuko edidiyelwe kanye nohlahlo mali.
“ Lokhu sikwenza ngokulandela umthetho Chapter 7 of the South African Constitution, uMunicipal Act 32 of 2000 Section 21, othi kumele umphakathi ubizwe ngaphambi kokuba kwethulwe uhlelo lwentuthuko edidiyelwe kanye nesabelo mali sikamasipala,” kusho yena.
Uthe lokhu kunika umphakathi ithuba lokuthi ubeke uvo lwawo , bese kuphinde kwenziwe nezincomo, ngabasuke bedinga ukuthi benzelwe kona, nakho futhi okugunyazwe i-Municipal Financial Act.
“ Sesinama Wadi ayisithupha njengoba laba abaklama imincele (Dermacation Board), sebawakhulisa ngenxa yokwanda kwezakhamizi,” kusho uMeya waseMadlangeni uKhansela Mzwakhe Buthelezi, eqhuba ethi , imfundo ayikhulelwa, ngiyanikhuthaza ukuba nifunde futhi ningawathathi kancane amakholishi amakhono afana neMajuba College.
Uqhube wathi abantu sebephelelwe ugqozi lokufuna umsebenzi, yingakho kumele basukume uma kukhona amakhono afundelwayo.
Uthe abantu bakulomasipala bancike kakhulu kwizibonelelo zikahulumeni njengoba engekho amathuba omsebenzi.
“Kubalulekile ukuthi thina njengomasipala sigqamuke namasu okuthuthukisa amakhono, azosisiza nasekukhulisweni komnotho kamasipala wethu,” kusho yena.
“ Ngonyaka wezimali u-2023/2024 lo masipala eMadlangeni wathola umbiko wezimali ongenagcobho kumgcwaningi mabhuku kazwelonke (unqualified audit from the auditor general),” elanda.
Uthe sizosebenzela nina, sakhethwa yini.
Uqhube wathi sebebaningi abantu ngaphansi kwalo masipala asebeqeqeshelwe amakhono ahlukahlukene ngenhloso yokuthi baziphilise ngawo.
“Sinxusa ukuthi izakhamizi amathuba okuqeqeshwa uma evela ziwabambe ngezandla zombili. Sikwzazile ukuqeqesha abesilisa nabesifazane ngamakhono kwezamabhizinisi,” esho.
Uthe kumanje kuzobakhona uhlelo lokuqeqeshwa kwabaphila nokukhubazeka okuyi Construction Learning Programme.
Uphinde wakuveza ukuthi abaphila nokukhubazeka, nabo bazolithola ithuba esibonelelweni esiyi Expanded Public Works Programme (EPWP), njengoba kufuneka abantu abangu-120 kulo masipala ,kanti futhi njengoba amaWadi eyisithupha lokho kusho ukuthi bazoba ngamashumi amabili iWadi neWadi (20).
Ukugcizelele ukuthi kulelo nalelo Wadi kumele ababili abaphila nokukhubazeka bathole ithuba futhi wakuqinisekisa ukuthi bazongena.
Enkulumeni yakhe ukugcizelele ukuthi babhekene nezinselelo zokwentula amathuba omsebenzi, ukusweleka kwamanzi imigwaqo nokunye.
“Lo masipala eMadlangeni uphila ngemali yoxhaso oluqhamuka kuhulumeni , awenzi nzuzo konkukwelekwa kwemali yokuhanjiswa kwezidingo (rates),” kulanda uButhelezi.
Uthe abantu abayekele ukuzingela izinyamazane ngokungekho emthethweni (illegal hunting), wathi izinyamazane ezikamasipala futhi kubakhona ithuba lapho kuyisikhathi izakhamizi ezivumeleka khona ukuthi ziyozingela njengoba kusuke kuyisizini yokuzingela.
Uthe idolobha lethu liyisizinda sokuvakasha.
Uphethe ngokwethula amaprojekthi azobakhona kwizakhamizi, okubalwa kuwo awokufakelwa kukagesi, amanzi nemigwaqo kulamaWadi u-1 kanye no-4 kanye nokuxhaswa kosomabhizinisi abasafufusa.
